OMREPHA baKwaZulu-Natal, uJabulani “Sjava” Hadebe noSiyabonga “Big Zulu” Nene, bazonikela kubafundi basezikoleni ababefunda kuzo ngenyanga ezayo.
Lezi zinsizwa ezizibiza ngeNkabi Zezwe zizohambela ngakubo eBergville, edume ngokuthi iKwaFelubala, ngoFebhuwari 7.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ngokhulumela inkampani okuqopha kuyo Inkabi Zezwe, iWarner Music Africa, u-Eric Gyimah, othe lolu wuhlelo lwalaba baculi abahlose ngalo ukubuyisela emphakathini emuva kokwesekwa kwe-albhamu yabo nyakenye esihloko sithi Ukhamba.
“Ngalolu hlelo kuhloswe ukwenza umehluko empilweni yomphakathi wasendaweni ngokufukula imfundo (yezingane zawo).”
Uthe laba baculi bahlose ukunikelela imiphakathi ngezicathulo ezingaphezu kuka-1 300 oBonjaneni Primary naseHambrook, okuyizikole okwakufunda kuzo uSjava (40) noBig Zulu (37).
“Ngoxhaso lweHollywood Bets Foundation, sinogqozi nofuqufuqu ngoguquko oluzokwenziwa yilolu xhaso emiphakathini.”
Inkabi Zezwe zishise izikhotha nyakenye ngenoni elithi Umbayimbayi nelithi Sayona futhi zazungezwa iNingizimu Afrika. Umbayimbayi uze wahlabana ngomklomelo weMost Voted Song of the Year kumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards futhi ubeyiculo elishise izikhotha kakhulu kuma-iTunes, Spotify, YouTube naseziteshini zemisakazo nezethelevishini.