UMZWILILI waseHammarsdale, uNomcebo Zikode, usaqhubeka nokundizisa ifulegi lakuleli phesheya kwezilwandle. Njengamanje usochungechungeni lwamakhonsathi oluqale ngoLwesithathu olwedlule, olubizwa nge- Izono Zami USA Tour, uNomcebo uhlonishwe ngomklomelo oyisitifiketi yiSenator yaseNew York, uKevin S. Parker.
UNomcebo uthe ubungazwe wuParker ngale ndlela ngenxa yendima eklanywe wumculo wakhe kuleli dolobha nasezweni jikelele.
Akugcinanga lapho ngoba uNomcebo uphinde waqokwa njenge-Cultural Ambassador yeWest Indian American Day Carnival Association futhi wahlonishwa nawuMhlonishwa uYvette D Clarke oyilungu leNinth Congressional District of New York ne-United States House of Representatives. Uthe uswele amaphiko okundiza ukukhombisa ukuthi isho ukuthini kuye le mpumelelo.
Bekungekhona okokuqala uNomcebo etuswa ngamagalelo akhe emuva kokuhlabana ngendondo kuma-2023 Grammy Awards nangokushisa izikhotha ngenoni likaMaster KG elithi Jerusalema.
Uhlonishwe nayizwe iTunisia, Togo, Benin, Ivory Coast, Burkina Faso, Cameroon, United States of Emirates, USA, Switzerland nakuleli imbala. NgoJuni kulo nyaka, uNomcebo uhlonishwe wumndeni wowayeyinkosi yomculo we-pop emhlabeni uMichael Jackson nenhlangano yakhe iMichael Jackson Heal The World Foundation eParis, eFrance. UNomcebo uthe uzosuka eNew York, adlulele kwelinye idolobha.
"Ngizosuka lapha ngilibangise eSan Diego lapho ngiyonandisa khona eCielo Rooftop Lounge. Uma ngiqeda lapha, amabombo ngizowabhekisa eLos Angeles lapho ngizonandisa khona e-Exchange LA ngaphanbi kokusonga imbenge eConneticut ngoSepthemba 7 lapho ngizonandisa khona eZubair Outloud III! Ngenhlanhla ngizobuye ngiphumule."
Emuva kokuhlaba ikhefu kulolu chungechunge, uNomcebo uzoqhubekela emlenzeni wesibili wochungechunge lwamakhonsathi akhe aseNew Jersey lapho kuzobe kunamaGlamour Music Awards ngoSepthemba 18.