“UMA kubuhlungu emndenini, kusho ukuthi pholani. Nami ngifile ngaphakathi, ngabulawa nguye. Injabi Kabi Lena. Inja Kabi Lena. Inja Kabi Lena.”
Lezo ngezinye zezinhlamvu ezihlanyisa abantu zengoma kamaskandi kaMafikizolo, esihloko sithi Inja Kabi Lena, ayishaya nomculi we-afro pop uNomfundo Moh, ekwezilalelwa kakhulu kulezi zinsuku ezitolo zomculo, selokhu iphumile ngenyanga edlule.
Engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto ngale ngoma, eyisihloko se-extended play (EP) ephume ngoMashi 20, uMafikizolo uthe ize iphuma kanjena nje, ubehlela ukuthi ibe sohlwini lwezingoma abeziphekela ukuzifaka kwi-albhamu yakhe yesibili, agcine ehlela ukuyimisa kancane ngoba kucaca ukuthi abantu bafuna le ngoma, abezwa isiqephu sayo ezinkundleni zokuxhumana.
“Indlela ebithakaselwa kakhulu ngayo yenze kwaba nzima ukuziba abantu abebekhombisa ukuyithakasela, ngagcina ngimisa izinhlelo ze-albhamu yami yesibili ngoba ngenzela ukuthi ngidedele yona kuqala ebantwini andukuba ngiqhubeke nokunye engihlela ukukwenza kulo nyaka, okubonakala kuthela izithelo njengoba belokhu bande njalo abantu abayilalelayo. Kumanje isilalelwe ngabantu abangaphezu kuka-700 000,” kusho Umafikizolo.
Eqhuba, uthe imjabulisile nendlela okungene uNomfundo Moh ngayo kuyona njengoba ayekade engahlelanga ukumpika kuyona, kepha kwaba yithimba lakhe elimthintayo limcela ukuthi afake ivesi kulona, emva kokuthi naye echazwe yisiqeshana sayo njengabalandeli bakhe.
“Konke lokhu kuyangijabulisa futhi kungikhuthaza ukuqhubeka nomculo wami njengoba kusaqhubeka lapho okugcine khona empumelelweni ye-albhamu yami yokuqala yanyakenye egile izimanga ngizifikela emculweni, into ebengingayilindele nhlobo ngoba bengicabanga ukuthi izinto zizoqale zihambe kancane, kancane andukuba zilunge. Manje ngibheke ukuqhubeka lapho, ngijabulise abantu ngomculo omnandi nonomyalezo ngoba kuyabonakala ukuthi bawuthakasela kakhulu, okufakazelwa yindlela abalalela umculo wami ngayo,” usho kanje.
UMafikizolo igama lakhe lokuzalwa wuLethukuthula Madondo. Udabuka KwaHlathi, eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal. Ukhule elalela futhi ethanda umculo kaMjikelwa nokaMajotha (bobabili) abangasekho emhlabeni. Uzakhele udumo ngengoma ethi Ngathi Nguye, ayishaya noMashotana - eyisihloko se-albhamu yakhe yango-2024.