UKHAMBA lufuze imbiza phakathi kwenkakha yomculo wekwaito, uThukie Sibeko nendodana yakhe engumculi wegqom' osafufusa, uLinda "Mastende" Mkhize.
UThukie (45) waKwaNdengezi ngasePinetown, uzakhele udumo ngokusebenza noTzozo, Black Coffee, DJ Tira, DJ Clock, DJ Sox, Zulu Boy nezinye izingwazi emculweni.
Ngaphandle kokudansa nokucula, uThukie ubuye wazakhela ugazi ngokulingisa emidlalweni yethelevishini ewuchungechunge, Uzalo neMbewu.
Yize kunjalo, sekuqhamuke indodana yakhe, uMastende (18) eshisa bhe emculweni wegqom' ngengoma esihloko sithi Upete. Indlela leli noni elishisa ngayo izikhotha ezinkundleni zokuxhumana, uMastende akasapheli emisakazweni emikhulu nemincane.
Sekuze kwanemidanso eyakhiwe ngoPete ezinkundleni zokuxhumana. UMastende uthe kumethusile ukuthakaselwa kwale ngoma kangaka njengoba seyibukwe amahlandla angaphezu kuka-908 million ezinkundleni zokuxhumana.
"Lokhu yizinkomba zokuthi ngiza ngamawala emculweni." Uthe leli culo eseliphenduke undabamlonyeni kangaka walenza ngokubambisana noLukzotiq DJ naBashayibenamba.
UMastende uthe ukhule ebukela kuyise. Yize esenesikhathi esincane esemculweni kodwa useqalile ukudlisela ogageni abaculi asebeneminyaka kule ndima.
Usevame ukushiya izihlwele zisahalela impinda emicimbini eminingi, okubalwa kuyo, Umhlathuze Dance Festival, Umgababa Youth Benefit Concert neFact Durban Rocks.
Ungena ephuma ezindaweni zobumnandi ngenxa yokuthi abantu bafuna ukuzwa Upete. Esephetha uMastende uthe njengamanje basezinhlelweni zokuqopha i-music video yale ngoma ngenxa yengcindezi yabantu.