UTHANDO lwakhe lomculo seligcine lumnqobile umphaquli waseMlaza osekhiphe i-albhamu yakhe yokuqala.
UNokulunga Magubane (22) odume ngelikaMamiiza emculweni, ukhiphe i-albhamu yakhe ebizwa ngokuthi iDurban eThekwini.
“Iphupho lami ligcine lifezeka, lokuhlanganisa i-albhamu ephelele emuva kwesikhathi ngisestudio. Inezingoma ezingu-12 zegqom esengiqalile ukuthola izincomo ngazo kubantu abahlukene,” kusho uMamiiza.
Uthe selokhu aphothula u-matric wakhe eMlazi Comtech wubebhizi nezinto zobuhle njengoba enebhizinisi lokuzicwala elinamakhasimende. Nomculo wubewenza eceleni uma engematasa nebhizinisi.
“Sengize ngaqala izifundo zeBeauty Therapy ngoba ngenzela ukuthi ngibe nesicucu nokukhulisa ibhizinisi lami. Kokubili umculo nezobuhle kuyizinto engizithandayo. Umculo bengingazitsheli ukuthi uzongifikisa lapho esengikhona emuva kokukhipha ingoma yami yokuqala ngo-2017,” usho kanje.
Ingoma yakhe yokuqala eyayithi Iy'njova wayepike kuyona uFanistarol, Infamous boys ne-Underground boys.
Uqhube wathi umuntu owamgqugquzela kakhulu ukuthi azimisele emculweni nguphrojusa wakhe wokuqala, uKwenzokuhle Madlala, owaziwa ngoK Quence.
“Ngigcine ngihlangana nenqwaba yabaculi abanethalente eliyisimanga, ngaze ngenza izingoma nabo. I-albhamu yami ngiyenze ngosizo lukaJohnny Mthembu we-Akanuz Studio, okunguyena ongiphrojuselile,” kuchaza uMamiiza.
I-albhamu yakhe isatholakala ezitolo ezidayisa umculo nge-internet. Unethemba lokuthi uzozakhela abalandeli abasha.
“Kulokhu ngikhethe ukusebenzisana nabaculi abasazakhela igama ukuze sifukulane sisonke nokunikana ithuba singamaciko,” usho kanje.