UVUKWE umunyu umculi kamaskandi uBoneni Magubane, ngesikhathi ezwa umculo awuqambile futhi wawudidiyela udlalwa emdlalweni wethelevishini othi, UZulu NoMhlaba.
UBoneni uthe okumfikisele ngomunyu wukuthi ubefisa abazali bakhe bazibonele ingqophamlando ngoba ungumculi wokuqala wesifazane othole ingqayizivele yethuba lokuqamba nokudidiyela umculo oyibika lomdlalo wethelevishini.
“Ngesikhathi sengizwa iphimbo lami nezingoma engizididiyelile sezidlalwa kulo mdlalo, ngifikelwe yizinyembezi. Ngafisa ngabe abazali bami basekhona,” kuchaza uBoneni.
Uthe okumenza aziqhenye ngomsebenzi wukuthi baningi abaculi besifazane abebenganikwa ithuba lokwenza lo msebenzi kodwa kwakhethwa yena.
“Lokhu kusho lukhulu kimi. Kuchaza ukuthi abantu bayalivuma ikhono lami futhi kusho ukuthi sengikwenze konke emculweni.”
Uthe akawuthungathanga lo msebenzi kodwa wafunwa ngabadidiyeli bawo.
“UVala Mthembu wahlala phansi nami wangazisa ukuthi kunomdlalo wethelevishini ozodinga ngiwubhalele izingoma ezizobe zidlalwa uma kushintshwa iziqephu. Senze izingoma ezingu-15, nebika lomdlalo imbala.”
Uqhube wathi izingoma uzenze ngokubambisana nabanye omaskandi okubalwa uMbuzeni, Sgwebo Sentambo, Muntuyenziwa, Potso Ngobese, Nqobani Dube, Nhlaka M, Khehla Nkosi, Maqhude Mkhize, Munyu Mngoma. Uthe nakuba kuye inkonyane beyisathuka isisinga kodwa akubanga wumqansa ngenxa yokuthi umsebenzi wokuqamba, ukucula nokudidiyela umculo usenamava kuwo.
Useke wahlabana ngendondo yeBest Female Artist kumaSatma Awards, Amantshontsho Kamaskandi Awards nakumaSava.
UBoneni uthe ubetshelwa ngendikimba yesiqephu bese yena eqamba ibika elizohambisana nokudingidwa kuleso siqephu.
“Njengokubulawa kukaBhekani (okuyindawo ebidlalwa nguHhashi Elimhlophe) ngatshelwa ukuthi kudingeka ingoma enosizi futhi ephatha amadlozi. Leyo ngoma sayenza noPotso.”
Uthe lo msebenzi wenze wabona ukuthi usekhulile emculweni futhi uya kude nawo.
“Sengiyafisa ukubamba iqhaza kunoma yimuphi umdlalo nefilimu ngoba senginogqozi.”
Useke walingisa emdlalweni owamiswa kwi-e.tv, iRhythm City futhi wadlala koweshashalazi othi, The Voice.
Uthe ngeke akuyeke ukucula kodwa uzoncelisa amawele. Lo mculi odabuka eNquthu, useke wacula ngokuhlanganyela noBuselaphi, Vumile Mngoma noGlama Kamaskandi kwiZindlovukazi ZikaMageba futhi bahlabana ngendondo yeBest Song of the Year nonyanyavu lwemoto.
Unenkampani yomculo iZigi 012 Music eyayiqopha umculo wama-AK47 noFihlis'khwele.