Sekuqalile ukuphithizela eLos Angeles, e-United States of America njengoba kuzosingathwa umcimbi wezindondo amaGrammy Award ngo-3 entathakusa ngoMsombuluko ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika.
AmaGrammy anonyaka kuzoba ngaka-66 selokhu asungulwa.
Uhlelo lwawo luzobe luphethwe ngusomahlaya waseNingizmu Afrika, uTrevor Noah, ofake isithombe ekhasini lakhe le-Instagram esikhombisa ukuthi useyazilungiselela.
Uphinde waqokwa kwiBest Comedy Album nge-I Wish You Would.
Ngaphandle kwakhe, leli zwe lizobe limelwe ngabanye emiklomelweni.
Intokazi engene yashisa izikhotha ngengoma ethi Water, uTyla, ikwabaqokiwe.
Uqokwe emunxeni weBest African Music Performance. Yilapho ebanga khona nomculi wakuleli uMusa Keys yena ongene nge-Unavailable apikwe kuyo wuDavido.
OTyla, Musa Keys sebevele bakhona eLos Angeles. Umsakazi we-947 u-Anele Mdoda ukwabahambele khona, umethuli wezinhlelo ophinde abe ngumrepha, uBoity kanjalo nosaziwayo obesematheni kule mpelasonto ngezinsolo zokuthi waqamba amanga ngokulotsholwa kwakhe uKefilwe Mabote.