IZINGQUNGQULU zomculo kamaskandi, uPhuzekhemisi noMbuzeni Mkhize, zikudalule obala ukuthi zeseka umkhankaso kaDkt Zweli Mkhize, ogaqele isikhundla sokuba ngumengameli we-ANC, njengoba kuzoba nombuthano kusukela ngoDisemba 16, eNasrec, eGoli.
Omaskanda abadumile, muva nje baqophe ingoma eyeseka uMkhize esihloko sithi Zweli Mkhize (SabakwaMkhize). Ingoma esisabalele ematekisini aseMgungundlovu, nasezinkundleni zokuxhumana yethulwe ngokusemthethweni ngempelasonto emzini kaMkhize oseWillowfountein, eMgungundlovu.
Ebuzwa uPhuzekhemisi, uthe okubenza baseke umkhankaso kaMkhize ngamagalelo akhe emzabalazweni.
"Esengungqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, kwakhiwa inqwaba yemitholampilo nezibhedlela. Uthe esenguNdunankulu waseKZN nakhona wafukula inqwaba yamaciko. Besingalambi kusaphethe uMkhize."
Uthe inhloso yengoma ukumkhuthaza nokumfisela inhlanhla ukuba awudle umhlanganiso.
"Sifuna kuphumelele yena ngoba uyibhinca langakithi KwaZulu-Natal. Siyazi ukuthi uma sekuphethe umuntu wangakithi asizohlupheka njengasekuqaleni." UPhuzekhemisi uwuhlabe kakhulu umbuso kaMengameli uCyril Ramaphosa, wathi unezinkinga.
"Sihlukumezekile. Sithe sivika iCorona, sasivika amasosha okungasiwo nawakuleli ngezikhathi zezibhelu," kuphawula uPhuzekhemisi.
UMbuzeni uthe baqambe ingoma ngoba befuna ukuncoma ubuqhawe bukaKhabazela, selokhu angena kwezepolitiki.
"Simfisela inhlanhla. Empeleni ngangicelwe kudala wuBumbano lwamaKhize ukuba ngiqophe amahubo akwaMkhize, nengoma ekhuluma ngoZweli Mkhize. Yingakho ngithe angiyenze njengoba ebhekene nomkhankaso ngenhloso yokuwuseka," kusho uMbuzeni.
Abaculi bathi bazifikele mathupha emzini kaMkhize, baqala ekhishini baze bafinyelela esibayeni ngesikhathi kunenkonzo yokumkhulekela kuMvelinqangi, nasemadlozini akoKhabazela.
UMbuzeni noPhuzekhemisi abaqali ukucula ndawonye kodwa bake bahlangana naseqenjini labaculi baseSouth Coast, Amabhenanyawo. Kulelo qembu bebebambisene noBahubhe, uMkhanyiselwa Nzimande, Ithwasa Lekhansela, Inyonemhlophe neChwane Lebhaca.