ILANGA lishone emini endimeni yomculo we-jazz kudlula emhlabeni umakadebona womdlali wesigingci sebhesi waseThekwini, uPhilani Ngidi.
Ngokwesitatimende esinanyekwe ngumfelokazi kaNgidi (elingatholakalanga igama lakhe) ekhasini likaFacebook wale ngwazi, umufi udlule emhlabeni izolo ekuseni.
"Kubuhlungu ukunazisa ukuthi isithandwa sami, umyeni wami obenekhono eliyisimangaliso futhi emuhle, ubaba wabantwana bami, uzakwethu futhi umngani wami omkhulu ushone ekuseni. Ngiyabonga kakhulu kunina nonke ngemiyalezo nangezingcingo. Ngiyaxolisa ukunazisa ukuthi angikwazi ukuniphendula nonke."
Eqhuba umkamufi ube esenxusa ukuba kubekwe umndeni wabo emthandazweni njengoba usesemanzini. Ubuye wacela ukuba abantu bacabange umufi ngendlela abeyindoda eyisimangaliso ngayo nebinomusa.
UNgidi ngomunye wezingwazi zomculo we-jazz eziyibekile induku ebandla emculweni.
Ngaphandle kokudlalela iqembu lezintokazi, i-Afro Divas, isigingci sebhesi kodwa ubuye wasebenza nezihlabani ezidume umhlaba wonke ezinjengoMahhotela Queens, uThemba Mkhize, Vicky Sampson noJudith Sephuma.
Wake wathola ingqayizivele yethuba lokuqondisa umculo ebhendini yengwazi yaphesheya kwezilwandle engasekho, uRonny Jordan ngesikhathi inochungechunge lwamakhonsathi e-Afrika namaphethelo.
Umufi ubuye wanandisa ne-Afro Divas, eyakhiwe wuYolanda Cenge, Khuthala Cenge noNtombi Cenge, kwiDubai International Jazz Festival, kwi-2014 Common Wealth Games abeseGlasgow nakwiSouth African Day ebiseTanzania.
Bake bashiyelana inkundla noHugh Masekela, Freshly ground, Rod Stewart neMiCasa. UNgidi naleli qembu elaphekwa nguye, babuye bamela iNingizimu afrika emcimbini owawuseMozambique.
Babuye banandisa kumaChef Awards, Mayoral Awards, The Durban Chamber of Commerce and Industry Gala Dinner eDurban ICC, South African Common Wealth Games Launch eHilton Hotel ,kwiBRICS, kwiD.T.I Gala Dinner eGallagher Estate eGoli nasemcimbini we-Oude Meester lapho kwakhuluma khona umlingisi uJamie Fox nakwiWorld Forestry Congress S.A.B Gala Dinner.
Ngaphandle kokudlala isigingci nokuphrojusa umculo, umufi uke wafundisa umculo e-University of KwaZulu-Natal.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela zingakamenyezelwa izinhlelo zokufihla leli qhawe.