INGENA ingenile imiyalezo yokuhalalisela umculi waseNingizimu Afrika, uTyla, ohlabane ngendondo yeBest African Music Performance kumaGrammy Awards, eLos Angeles, ezintatha (ngokwesikhathi sakuleli) ngoMsombuluko.
UTyla (22) unqobe ngengoma yakhe eshisa izikhotha iWater kumaGrammy obekungaka-66 ekhona.
Uhlelo lwale miklomelo beluphethwe ngusomahlaya wakuleli uTrevor Noah.
Kuvukwe ngoMsombuluko ekuseni ilokho ingenile ezinkundleni zokuxhumana imiyalezo yokuhalalisela umculi ngempumelelo yakhe.
Phakathi kwabamhalalisele kubalwa kubo umethuli wezinhlelo futhi ongumrepha, uBoity obekhona emcimbini.
“INingizimu Afrika isikuphindile futhi lokho ngendlovukazi ekufanele! Halala Tyla lokhu kuyisiqalo,” kubhala uBoity kwi-Instagram.
Umculi uLira umhalalisele nethimba lakhe, wathi bekufanele anqobe.
Umdidiyeli womculo uMojalefa “Mjakes” Thebe ubhale ukuthi: “Halala kuTyla ngokunqoba kuma @recordingacademy. Asiqhubeke senze iNingizimu Afrika iziqhenye. Siyisizwe esibusisiwe.”