ISIHLOKO: Umfazi Womuntu Enqunu
IQEMBU: Izingane Zoma
UHLOBO: Umaskandi wabesimame
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
IZINGANE Zoma yiqembu labaculi besifazane eselineminyaka ewu-30 liyibambile insimbi ishisa endimeni yomculo.
Laqalwa ngo-1993 kucula uThandoluni Phungula, Tholakele Ngobese nodadewabo, uBongekile "Nikwani" Ngobese ongasekho.
Ngaleyo minyaka zazidlana imilala ngengoma neqembu likaMahawukela Mseleku ongasekho, Amatshitshi Amhlophe. Ukungaboni ngaso linye phakathi kwabaphathi beqembu nezintokazi zakwaNgobese, kubangwa ubunikazi beZingane Zoma Music kwenza zasungula iqembu elisha, Izintombiqembu Zikashwi kodwa elabuye lashabalala emuva kokudlula emhlabeni kukaNikwani.
Izintokazi zakwaNgobese zazikhalela ukuba ngabanikazi bale nkampani esike yaphatha oMgqumeni, Shwi Nomtekhala, Khuzani, Dlubheke nabanye.
UThandoluni waqhubeka neZingane Zoma, esebambisene noXoli Buthelezi ongasekho.
UTholakele ubuye wakhuza ibuya kwiZingane Zoma, baqhubeka lapho begcine khona eminyakeni eyedlule. Isigingci sisaxetshulwa wuBusani "Ntshebe" Khuzwayo nomfowabo, uShobeni" Khuzwayo.
Engikuphawulile ukuthi izihlabo nomyalezo kusenjalo. Zisaqhubeka lapho zigcine khona ema-albhamini adlule.
Ingoma eyisihloko se-albhamu idingida ngendoda elunguza umfazi womuntu egeza emfuleni. Zithi iyogcina ngakho ukuwasha amehlo.
Ngengoma ethi Impi Yemigodi, leli qembu likhuza ukubulalana kwabantu ngezimayini ezibizwa ngoZama Zama.
Izingane Zoma zibuye zikhuze izimpi zezigodi ngengoma ethi Isixazululo. Nakuba kusenempikiswano ngeSilo kodwa Izingane Zoma zithulela isigqoko uMntwana uMisuzulu ngenoni elithi Indlulamithi.
Zikhuthaza izingane zamantombazane ukuba zibikele othisha namaphoyisa uma omalume bezithinta ezithweni zangasese ngengoma ethi Imbimbi Yami. Engingakusho nje ukuthi uma wawuwuthanda umculo weZingane Zoma eminyakeni eyedlule, zisathi Isidina Sikamahlalela, Ngelekelele, , Wagqoza Kabi, Ngafa Yiqhude, Isifebe Sendoda nezinye, noma kanjani uzoyithanda le-albhamu.