IZIHLABANI emculweni wesicathamiya, iKholwa Brothers, zithole ingqayizivele yethuba lokuqopha ngaphansi kwengwazi kaphrojusa waphesheya kwezilwandle, uJeffrey Weber.
Umholi weKholwa Brothers, uDerrick Mlambo, uthe uJeffrey owacela ukusebenza naleli qembu ngesikhathi behlangana eCalifornia, e-USA.
"Wathi uyafuna sisebenze ukuze sikhiphe i-albhamu ezohlonishwa ngezindondo kuma-Grammy Awards. Wayekusho lokhu emuva kokuba yijaji emqhudelwaneni esawola kuwo imiklomelo kwi-World Championships of Performing Arts eGarden Grove, eLos Angeles, ngo-2022."
UDerrick uthe uJeffrey waphakamisa ukuthi basebenzisane ukuze umculo wabo wamukeleke emhlabeni wonke njengoweLadysmith Black Mambazo, Miriam Makeba, Black Coffee, Tyla, Hugh Masekela nabanye.
Isolezwe lisibonile isimemo sikaJeffrey, enxenxa ukuqopha naleli qembu i-EP ezoba nezingoma ezine.
Ufuna umculo waleli qembu uthakwe nebhendi ezobe ibophele amalungu ebhendi ka-Aretha Franklin, Ariana Grande, Jeff Beck nawezinye izingwazi ezidume umhlaba wonke.
Echaza kwisitatimende sakhe, uJeffrey uthe okumenze wafuna ukusebenza neKholwa Brothers ukuthi inabaculi abanamazwi asezingeni lomhlaba. Ubuye athi wachazwa indlela leli qembu laseNtuzuma elizimisele ngayo nelizihlonipha ngayo.
Leli qembu seliyaziwa emazweni amaningi angaphandle njengoba selibuya koGermany, South Korea, China, Italy nakwamanye amazwe.
IKholwa Brothers isanda kuhlonishwa yisiteshi iZee TV ngendondo kumaQhawe-Our Heroes Awards ngo-Okthoba 17, futhi yahlonishwa nge-Lifetime Achievement Award kuma-SIP Isicathamiya Music Awards ngoNovemba 2.
Yize kunjalo kodwa iKholwa Brothers igiye yabuya nganeno ngenxa yokuthi kudingeka izihlinzeke ngesamba sika-R2.9 million ukuze leli phupho lifezeke.
UDerrick uthe okwenza bafune ukuzithwalela izindleko zalo msebenzi ukuthi bafuna yonke inzuzo ezowenza kube eyeKholwa Brothers.
Uthe ubabonile abanye abaculi besebenza ngokuzikhandla kodwa kudle abanye abantu ngamandla abo.
Uthe le mali ibandakanya izindleko zokuqasha i-studio esisezingeni lomhlaba, indawo yokuzilolonga phesheya, ama-Visa, izindleko zamabhanoyi nezimoto abazobe behla benyuka ngazo phesheya, ukuqasha izindawo zokulala nezabadlali bezinsimbi.
Unxuse iminyango, omasipala nosomabhizinisi ukuba baphonse itshe esivivaneni ukuze lomlando ugcine uqophekile.
"Sisungule nesikhwama sokuqongelela imali yokubhekana nezindleko zale ngqophamlando. Abantu bengasixhasa ngokuthumela i-SMS," kuphetha uDerrick.