ABANTU baseThekwini bazothola ingqayizivele yethuba lokuzibonela ngawabo elinye iqembu elingabazukulu beLadysmith Black Mambazo neShabalala Rhythm.
IGagamela yiqembu elakhiwe wumzukulu kaSolwazi Joseph Shabalala futhi oyindodana kaSbongiseni Shabalala waMambazo neShabalala Rhythm.
UGagamela "Gaga" Shabalala usebenza ngokubambisana nendodana kaMaqhinga Hadebe weShabalala Rhythm obuye asebenze noQadasi, uSikahle Hadebe.
Lezi zinsizwa zasungula leli qembu nentokazi esebenze kakhulu neShabalala Rhythm, uSharon Mthembu.
IGagamela kulindeleke ukuba ishiye izethameli zisahalela impinda ngomculo kamaskandi othakwe nowesicathamiya, eBat Centre eThekwini ngoMeyi 31 kusukela ngo-2 emini.
UGagamela uthe bazokhipha wonke amangwevu ukuze abantu bajabule kusukela umcimbi uqala.
Unxuse izethameli ukuba zifike ngobuningi bazo njengoba kuzobe kungenwa mahhala kanti uhlelo luzobe luphethwe wuThabile.
Uthe yena noSikahle noSharon bahlangana eminyakeni eyedlule babona kufanele basungule iqembu ngoba sebetholile ukuthi banamakhono nothando lomculo.
"Siphathene kahle impela noSharon kanye noSikahle kanti futhi sizimisele ukuthi umculo wethu uthuthuke.
USikahle uthe waqala wazi uSharon ngaphambi kokwazi uGagamela.
"Sihlanganiswe wuthando lomculo. Kwenzeka sikhuluma, uGaga wazi ukuthi ngingumdlali wesiginci.
“Sahlangana ngamzwisa intambo sacula, kwabonakala ukuthi lento esiyenzayo ingaya phambili uma singazimisela sibambisane," kusho uSikahle.
USharon, odabuka eMkhomazi, uqale ukwaziwa esesebenza neqembu likaSbongiseni noMaqhinga, iShabalala Rhythm.
"Ngahamba amazwe amaningi, okubalwa kuwo i-USA, England neFrance. Emuva kwalokho sabe sesisungula iGagamela, nokwabalula kakhulu ngoba uGagamela sikhule ndawonye naye. Yingakho kube lula ukuthi sisungule iqembu," kusho uSharon.
Uthe bazimisele ukulikhulisa leli qembu futhi bahambe amazwe wonke omhlaba jikelele. Oyimenenja yeGagamela, uMpume Mnyawe uthe waqala ukwazana noSharon esasebenza eCatalina Unlimited, lapho ayebuye aphathe khona iCatalina Theatre.
"Sadukelana iminyaka eminingana kodwa uma sibonana wangitshela ngeqembu iGagamela, wangethula kuGagamela ukuze ngibe yingxenye yeqembu njengemenenja," kusho uMpume.
Uthe naye wasebenza noMshengu esekwiWoza Afrika futhi baze bashiyelana inkundla noPaul Simon naMambazo kwiGraceland Tour.
"Empeleni ngibona ukuthi ubaba uJoseph Shabalala nguye osihlanganisile ngoba sisonke siwuhoshile umoya womculo kuyena," kuphetha uMpume.