UKHALA izinyembezi umculi ocula owokholo uXoli Mncwango ngesasasa elikhonjiswe abalandeli bakhe baKwaZulu-Natal, abaqede amathikithi omcimbi wakhe ongo-Agasti ngemuva kwezinsuku ezingu-12, eqale ukudayisa.
Izolo uXoli uveze enkundleni yokuxhumana i-Instagram ukuthi asephelile amathikithi omcimbi othi Xolly Mncwango: The Unusual Encounter, ozoba se-ICC, eThekwini, ngo-Agasti 2.
Uveze ukuthi konke usekushiya kubalandeli bakhe okuyibona abazomtshela ukuthi alwenze yini usuku lwesibili noma cha.
“Angikholwanga ekuseni ngibona lezi zindaba. Ngikhale izinyembezi. Namanje ziyaziphumela nje ngoba angazi ngempela ukuthi kwenzekani. Ngikushiya kubalandeli bami abangalitholanga ithuba lokuthola amathikithi ukuthi kube yibona abashoyo ukuthi silwenze yini usuku lwesibili noma cha. Kodwa ngiyabonga kuwona wonke umuntu ongixhasile kulo mcimbi kuze kube manje,” kuchaza uXoli.
Le ntokazi yaseMadlankala, eRichards Bay, izakhele igama emculweni wokholo iqala ukubonakala icula nezinkakha okubalwa uBenjamin Dube neJoyous Celebration.
UXoli uthe ngalo mcimbi uyamethemba uJehova futhi kuwo uzobe ehambisana nabanye ozakwabo abehlukene asebenze nabo.
“Ithimba lami lonke labaculi abaqhamuka KwaZulu-Natal, ngizoza nalo kusuka kubashayi bezinsimbi, ozakwethu emculweni nabanye sizoba khona futhi sithembisa into yamehlo," kuchaza uXoli.
Wadalula ukuthi hambo lwakhe emculweni waluqala njengengane yomfundisi, ngakho ukukhulela enkonzweni kwamsiza waqeqesheka ngezinto ezehlukene. Uthe ukwenza umcimbi wakhe wokuqala ebandleni ayekhonza kulo eGoli, washintsha izinto eziningi nokuyilapho abantu baqale bamazi ukuthi ungubani.
“Abantu ababekhona kulowo mcimbi babengekho ngaphezu kuka-60 kodwa ngaphuma kuwona igama lami laduma. Ngathi ngenza omunye eCarnival City, kwase kuwumcimbi omkhulu, owangenza ngabona ukuthi sekumele ngibuyele ekhaya manje ngiyodumisa khona ngiyojabulisa abantu basekhaya, ngibatshele ukuthi uhambo olungibeke lapho ngikhona lusuka kuphi futhi lubheke kuphi,” kuchaza uXoli.