UMAKADEBONA kwezokulingisa uDumisani Dlamini uthembisa ababukeli bomdlalo wakwi-etv Isitha: The Enemy, ukuthi bazobhema bakholwe ngendawo kaNtsimbi aqale ukubonakala eyilingisa ngoLwesibili, kulo mdlalo okhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9:30 ebusuku.
Engxoxweni neSolezwe, uDumisani oseneminyaka engaphezu kwa-30 elingisa, uthe abadidiyeli beBlack Brain Pictures, ekhiqiza lo mdllao, bamthinta ekuqaleni kwalo nyaka bamcela ukuthi azolingisa le ndawo ngoba bekholwa wukuthi izoshintsha izinto futhi ishukumise inkundla kuwona.
“Yindawo ezoba yinde, nengizobonakala kuyona ngibhekene ngeziqu zamehlo noRebecca Mabuza (olingiswa wuLinda Sebezo), okuzokwenza ababukeli bomdlalo bashisekele ukubona ukuthi ingxabano yethu izophetha kanjani.
“Bazozibuza imibuzo eminingi ngoNtsimbi. Izigameko azozenza zizokwenza babone ukuthi wazana kangakanani noRebecca futhi kushiye imibuzo ezophenduleka ngokuhamba kwesikhathi yokuthi sihlobene kanjani naye uma kuwukuthi sihlobene ngempela. Ngithemba ukuthi bazoyithakasela,” kulandisa yena.
Eqhuba, uveze ukuthi ngenxa yamagalelo akhe kwezokulingisa, akasazihluphi ngokuya kwizinhlolokhono zemidlalo eyahlukene, kepha uselinda abadidiyeli bemidlalo kube yibona abamthintayo uma kukhona indawo abafisa ukuthi ayilingise emidlalweni yabo.
Uthe: “Akulula ngoba kuyenzeka ngihlale isikhathi eside ngingabonakali ndawo, yingakho ngenza eminye imisebenzi eceleni njengokuthi ngihambele izigcawu zokucobelela intsha ngezokulingisa, ngethule nezinkulumo ezakhayo emicimbini.”
Ephetha, ucebise abalingisi abasebasha ikakhulu labo asebehanjelwa yizinto kahle ukuthi kule ndima bangavumeli udumo nemali kubabuse, futhi bangaziphakamisi ebantwini ngoba abayilutho ngaphandle kokwesekwa yibona.
“Abangagijimeli ubukhazikhazi bezinto ezedlulayo nezimosha imali bebe bengenalutho olubambekayo empilweni, ngoba ukwenza njalo kungaholela ekutheni babe yinhlekisa uma sekubhoke indlala yomsebenzi,” kweluleka uDumisani oveze nokuthi usezoba mningi ekuqondiseni imidlalo yethelevishini.
UDumisani ugqame kwezokulingisa ngendawo kaCobra kwiSarafina ngo-1992, ekaChester kwiYizo Yizo ngo-1999 nekaMbodla kwiSibaya ngo-2013, ukukha nje phezulu.