KUBENENHLOKOMO kutheleka owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, enkonzweni yesikhumbuzo sobengumbhali wemidlalo yeshashalazi, uDkt Mbongeni Ngema, ebisePlayhouse Opera Theatre, eThekwini ngoLwesithathu.
Yize bekukhona izikhulu zikahulumeni waseKZN ziholwa wuNdunankulu esifundazweni, uNkk Nomusa Dube, uNgqongqoshe uSboniso Duma, noNgqongqoshe uNomagugu Simelane, kodwa inkulumo enohlonze yethulwe nguZuma. Uthe uNgema ubehlale ebalisa ngendlela uhulumeni ka-ANC osuphethe ngayo. Esekhuluma uZuma akashongo lutho ngabaholi ebebekhona, wazithethelela ngokuthi akasaboni ngoba kumnyama.
UZuma uchaze uNgema njengomuntu obeyinsizwa phakathi kwezinsizwa, eyiqhawe phakathi kwamaqhawe futhi eyisoka phakathi kwamasoka. Uthe ubengave ekhaliphile ngendlela eyisimanga futhi okunenqwaba yabantu abadlule esandleni sakhe.
"Sizosala sibe yini eNingizimu Afrika ngaphandle kukaMbongeni Ngema? Ngubani osezokwazi ukuqoqa umlando enze into yakhe ibe yinhle njengoba benibona into ebiyenziwa yilezi zingane?"
Uthe umfo kaMadlokovu ubeyikho konke futhi bezwana njengezinsizwa ngezinto eziningana."
Uthe abazananga manje kodwa bazana kudala kabi ngoba walwela inkululeko.
"Ubelokhu engibelesela ethi ufuna ukwenza izinto ngami. Ngambuza ukuthi ungenwe yini ngoba mina angikwazi ukucula? Wathi angifuni ukuhlabelela kwakho kodwa ngifuna ukuxoxa umlando ngawe."
UZuma uthe waqala wenqaba kodwa uNgema wakhuluma nodadewabo ogane uZuma ukuba amncenge. "Wabe esecelwa ukuba ayibhale phansi le nto. Bebaningi ebebefuna ukubhala ngami, ngathi iyona insizwa engaxoxa kangcono ngami ngoba sidabuka ehlanzeni. Ngathi akalinde kudlule uKhisimusi ngoba ngisafuna ukudla amaswidi nezingane. UMbongeni akabanga umngani kuphela kodwa usifundise ukuthi inkululeko ilwelwa kanjani."
Esephetha, uthe uphatheke kabi ngoba uNgema uhambe engasavalelisanga. Obengumngani kaNgema, uThemba Ndaba, uthe umdlalo wethelevishini othi Shaka Ilembe, webiwa kuye noNgema njengoba uqhamuke sewudidiyelwa ngabanye abantu.
UMfiliseni uthe waba ngumculi wokuqala kamaskandi ukucula ema-theatre ngenxa kaNgema.