USHISHA bhe umncintiswano wabadidiyeli botshwala ogqugquzelwa yiDiageo inkampani ekhiqiza utshwala obuthandwayo nobuhamba phambili emhlabeni wonke.
Bangu-11 abadidiyeli botshwala abakhethwe ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika ukuba bahlanganise iziphuzo zabo ezimnandi nabazithembayo kulo mncintiswano weDiageo. Ozonqoba kulo mncintiswano uzomela elakuleli eSão Paulo, eBrazil phakathi kuka-23 – 30 Septhemba 2023 lapho kuzobe sekukhethwa umakhonya emhlabeni wonke.
UMealyn Joyce weDiageo uthi lo mncintiswano obizwa ngeWorld Class ungomkhulukazi emhlabeni wonke futhi useqophelweni eliphezulu kakhulu emincintiswaneni yalolu hlobo.
“Uma kwenziwa ama-cocktail ohlobo oluphambili, lokhu kukhuthaza amakhasimende ukuba azithokozele iziphuzo ezimnandi. Lokhu kwenza amakhasimende acabange ngogologo omnandi ngendlela efanayo nokudla okumnandi ngoba bayazi ukuthi bazothola iziphuzo ezehla esiphundu,” kusho uJoyce.
Iningi lalaba badidiyeli abayishumi nanye baqeqeshwe ngaphansi kweDiageo Bar Academy nokuyisikhungo sayo le nkampani esihlanganisa izazi ngenhloso yokukhuphula izinga labo lokusebenza nokwazi ukuxhumana nozakwabo bakwamanye amazwe.
Kusukela ngomhla ka 9 kuya ku-12 Julayi laba badidiyeli bazohlangana eGoli lapho bazobe beshaya into ecokeme kukhethwa umakhonya wakuleli.
Kuthiwa amajaji azobe abheka lokhu okulandelayo ngesikhathi ehlaziya umsebenzi wabadidiyeli beziphuzo.
· Okusuka emphongolweni kuhlale etafuleni, lapha abadidiyeli kumele bathake iziphuzo ezingu-8 zekhethelo ngemizuzu eyisithupha
· Ikhono lokwazi iziphuzo, lapha bazovivinywa ngezinto ezahlukene ukuhlola ulwazi lwabo lwama-cocktail
· Kusuka eKilmarnock kuya Ekasi: lona umncintiswano weJohnnie Walker Gold ohlanganisa nemikhankaso yezinkundla zokuxhumana
· Iziphuzo ezihambisana nokudla, lapha bazonikezwa isabelomali nemizuzu engu-60 yokuhlanganisa iziphuzo ezihambisana nokudla okuyi-snack
· I-Por amor al Tequila: lapha abadidiyeli beziphuzo bazosebenzisa iDon Julio tequila ukwenza i-cocktail. Lesi siphuzo esihlanganisa usiko lwakuleli nolwaseMexico bazosenzela amajaji namakhasimende angu-250.
Ngobani laba badidiyeli abayishumi nanye?