AKUKAPHELI nenyanga uNgqongqoshe wezemiDlalo, ezobuCiko namaSiko, uMnuz Gayton McKenzie, efungisiwe kodwa sekukhona ukukhala nokugedla kwamazinyo kumaciko nabezemidlalo.
Yize kukuningi asekwenzile nasekushilo kodwa isinqumo asithathe kuleli sonto sokudedela amagama abantu abahlomula esibonelelweni samaciko nabezemidlalo abakhahlamezwa wukubheduka kwegciwane leCovid-19, kuzisusile izinkulumo.
Ithumba liqhunjuzwe ukuphumela obala komculi uMakhadzi ngokuthi waze wathatha imali kumashonisa ukuze ayomela iNingizimu Afrika kumaBET Awards. Amanye amaciko akhwele adilika emnyangweni kaMcKenzie.
Umnyango uthe ngeke ulale phansi ungandlalelwe. Yingakho udedele uhlu lwamagama lwamaciko aseke ahlafuna kulo mnyango.
Ngebhadi alibonwanga nangokhalo igama likaMakhadzi ohlwini lwabahlomula.
Babalelwa ku-3 962 abahlomula kwisamba semali esingaphezu kukaR72 million. Kunamaciko ayethola oR20 000, amanye ethola oR10 000, amanye ethola oR53 000 kanti kukhona athola oR75 000. Kwabahlomula kubalwa u-Arthur Mafokate nendodana yakhe, u-AJ, uKelly Khumalo, uMohale Motaung, uMacG, uPhuzekhemisi nabanye.
Abanye babonge banconcoza ngokuvela kwalolu hlu kodwa kwabanye umfula uvele wagola izintethe.
Umculi we-Afro pop, uZandie Khumalo, uvele wathwala izandla ekhanda, wathi "Hhayi kanti ngqongqoshe, senzeni? Kunini umuntu efonelwa yi-media kusile. Hhayi bo bafowethu, kwakuwuR20 000 engawuthola ngokusemthethweni mina. Sesingaze singalali, musani ukudlala ngathi. Sekungaze kunekwe amagama ethu kanje, sengathi sangena eMnyangweni wezobuCiko namaSiko sagqekeza isisefo? Ikhwela lokufaka izicelo lashaywa nguMnyango ukuba abantu abalahlekelwe yimisebenzi nenzuzo ngalesi sikhathi esinzima."
UZandie uthe bazifaka izicelo futhi bahambisana nemigomo yezicelo maqede zamukelwa izicelo zabo. Eqhuba, uthe yena wayefuna uR200 000 kodwa wanikezwa uR20 000.
"Manje umsindo owani? Mina benginomqondo wokuba sibophe lo mnyango kodwa uzovele ungabi namali bese siyasokola. Gayton McKenzie, ayidumi kanje uma izohamba ngqongqoshe," kuphetha uZandie ku-X.
Eziphendulela uMcKenzie uthe: "Uma ungenzanga lutho olubi noma ungahlomulanga, awunasizathu sokuba nengebhe. Ngikhiphe umyalelo ocacile ukuthi umphakathi wazi ukuthi ngobani abahlomula! Ngishaqekile uma ngithola ukuthi mangakanani amaciko, abekhalaza, ahlomula eMnyangweni wezemiDlalo, ezobuCiko namaSiko," kusho uMcKenzie.
Umengameli womfelandawonye wezinyunyana zamaciko namasiko, uJoy Mbewana, uthe inkinga yakhe yokuqala wukungazi inhloso yokwenza lokhu ngenxa yokuthi ithinta impilo yabantu abaningi.
"Nakuba bebaningi abahlezi bethuka uhulumeni noma beba nomona uma kukhona amanye amaciko ahlomulayo kuhulumeni kepha amagama abo asevelile ukuthi bake bathola.
“Lesi sikhathi seCovid, bekuyisikhathi esinzima kuwo wonke umsebenzi wezobuciko.
“Bonke abatholile bebekufanele ukuthola. Angiliboni icala labo, engingakwazi-ke ukuthi ubebonakala kanjani ofanelwe encane nofanelwe ethe xaxa."
UJoy uthe kuningi okumele baxoxisane ngakho noMcKenzie ngoba kulesi sikhashana esincane engenile "osomathuba bakule ndima bafuna ukusibuyisela emuva ngokufuna ukuthi alalele abantu abathize kunokulalela izinhlaka ezikhona kuqala bese kubizwa imboni. Siyafisa nokwazi yimalini-ke esetshenziswe umnyango kweyayo imicimbi, efana neyezindondo," kuphetha uJoy weCultural and Creative Industries Federation of SA (Ccifsa).
Umsunguli weMkhonto Wesizwe Creative Council (MKCC), uTebogo Sithathu, uthe okwakhe kuncane, njengomuntu ongumculi nongumholi endimeni yezobuciko, uthe uxakwe ukungaboni amagama ezingwazi zamaciko ezazifanelwe yilesi sibonelelo seCovid-19.
Uthe ngebhadi uzithele emagameni amaqola nawezicathalala zosopolitiki, kuyiwo agcwele uhlu.
"Ngisho nemininingwane ngalesi sikhwama yayaziwa yilabo abasondelene nosopolitiki nenhlangano ebusayo, yingakho kukhonya izinkampani namaciko, ngokwami ukubona, ababengaphila ngaphandle kwale mali," kuphawula uTebogo owaduma eqenjini lamaTwins odumo lwengoma ethi Shona Phansi nethi Ngiyafa.
Uthe ukujabulele ukuthi ungqongqoshe omusha ubhekana ngqo netiye nezinye izinselelo.
"Ithemba lami nomthandazo wami ukuba aqhubeke nokuhlunga amakhoba kulo mnyango, ngisho nokuhlakaza ibhodi loMkhandlu wobuCiko kuZwelonke (NAC) elingekho emthethweni ngokomthethosisekelo," kuphetha uTebogo.
Uphiko lwentsha ye-ANC lusihlabe kakhulu isenzo sikaMcKenzie, lwathi aluhambisani nokuhlanjalazwa nokwehliswa kwesithunzi samaciko.
Kulolu hlu kubuye kwavela negama lomculi waseNigeria, u-Adetola Olaiya Aina kodwa owaziwa emculweni ngelika-Ola Sax kunombolo 31.
UWinnie Khumalo uveze ukuthi yize igama lakhe likhona ohlwini kodwa yena akakaze wathola uxhaso ngoba akakaze wafaka isicelo.