KUFAKAZELEKE isaga esithi ukhamba lufuze imbiza indodana yesilomo somculo wokholo esingasekho, uSfiso Ncwane, ihamba ezinyathelweni zakhe ngokungena emculweni.
UNgcweti Ncwane (20) oyindodana endala kaSfiso, oshone ngo-2016, no-Ayanda Ncwane, useqale uhambo lokuzakhela igama kulo mkhakha lapho ezibiza khona ngoMak Ncwane.
Leli gama uthe walinikwa nguDJ we-hip hop ongasekho, uDimplez, ngesikhathi emvakashele e-studio sakhe.
“Sasise-studio wangibuza ukuthi ngiwubani igama lami lasemculweni. Ngaleso sikhathi ngangingenalo. Wangibuza amagama ami aphelele ngamtshela ukuthi nginguNgcweti Makadunyiswe. Yilapho wavele wathi khona Mak. Kwakungawenzi umqondo kimi kwaze kwangikhanyela ngokuhamba kwesikhathi ukuthi uthathe izinhlamvu ezintathu zegama lami. Ngabona kuyigama elenza umqondo kulo mculo engiwenzayo,” kusho uNgcweti olanywa nguMawenza.
Uthe umculo uqale ukuwenza ngo-2018 ngemuva kokuphothula u-matric. Ngaleso sikhathi wayesahlabe ikhefu esafuna ukuzithola ukuthi yini afuna ukuyenza empilweni.
“Ngangithanda ukudlala izinsimbi zomculo. Ngesikhathi ngitshela umama nomalume ongumrepha uThando bangigqugquzela banginika nethemba. Ngabona ukuthi akumina ngedwa oyibonayo le nto engifuna ukuyenza.”
Uthe akafunanga ukusebenzisa igama likayise ukuthi kube yilo elimvulela iminyango nokuyingakho okuningi ezibambele mathupha. Uthe uyazididiyelela kodwa kukhona nomunye omsizayo.
UMak ukhiphe i-albhamu ye-hip hop iMak, Myself and I enezingoma ezingu-10.
“I-hip hop iwona mculo engikhule ngiwulalela. Ukube angenzanga yona ngangizoba nguDJ ngoba ngithanda i-deep house. Ngagqugquzeleka ngemuva kokuthi ubaba enze ingoma ye-hip hop noDJ Maphorisa. Nasemotweni futhi wayedlala bona kakhulu o-eMtee no-2Chainz. Ngithe uma sengenza lo msebenzi ngathi angihlanganise umculo ngendlela mina engiwuzwa ngayo. Izingoma zikhuluma ngothando, imali, ukungalilahli ithemba lokuthi uqhubeke nempilo noma kwenzekani.”
Uthe uzimisele ngokuzakhela elakhe igama emculweni njengoba kwenza uyise aze adlulele.
“Ngifuna ukuqhubeka nesibongo sakwaNcwane size siyoshaya phesheya. Ngifuna ukuqhubeka lapho kwagcina khona ubaba ngenhlonipho kodwa nami ngibe yimi ngoba senza umculo ohlukene. Ukuzalwa nguye kunengcindezi kodwa akuyona into entsha, kade yaba khona. Ubaba uyisibonelo esikhulu kimi futhi ngisebenza kangcono ngaphansi kwengcindezi. Ngiyayithanda ngoba ingenza ngigqugquzeleke ngisebenze ngokuzikhandla.”