UZOQALA ukubonakala ngoMgqibelo kwi-S3, ngo-6.30 ntambama umethuli wezinhlelo uKatlego Maboe, okuvele ukuthi usebuyele ekubeni wumethuli wohlelo iTropica Island of Treasure.
Uhlelo luqale emasontweni adlule, belwethulwa wumlingisi u-Anga Makubalo, abaqale ukuluqopha eSt Lucia.
Esiqeshini sangoMgqibelo sohlelo kuvele ukuthi abasele bazothatha uhambo oluya eSeychelles, ukuyoqedela ukuluqopha.
Abe-S3 baveze ukuthi njengoba kule sizini bebuyise osaziwayo abake babonakala, balindele ukuthulela izibukeli zohlelo okusha okuzozijabulisa.
“Lena yindlela yokuthi senze izinguquko ezizokwenza uhlelo luthakaselwe. Siyambongela uKatlego ngokuzobamba isigaba sesibili sohlelo njengoba ezoshukumisa osebeni, lapho sizobe siqopha khona futhi ekwazi kahle azokwenza, ngenxa yokuthi usebuya okwesithathu ukuzokwethula uhlelo. Ukumbona futhi kwithelevishini kuyajabulisa,” kuchaza uCaroline Phakalatshela weSABC.
UKatlego uthi ukubuya nje ezoqedela uhlelo kuyamjabulisa ngoba ulwazi ingaphakathi nengaphandle lwalo.
“Okungijabulisayo okunye wukubona osaziwayo abake bazama inhlanhla yokunqoba phambilini. Ukubona ukuthi babuya nani manje ezobaphusha ukuthi bathole umklomelo walo nyaka. Azibukeli zohlelo ngizijabulele ukuthi zingibone ohlelweni nokuthi yini esizoyenza nala maqembu ayisikhombisa asele ezohluka ebingalindelekile ukuze balujabulele,” kuchaza yena.
Osaziwayo abasele manje ohlelweni, kukhona kubona uNay Maps, Shashi Naidoo nabanye.
Lolu uhlelo lwesibili uKatlego abuyiswe kulo njengoba ngo-Agasti esanda kubuyela ohlelweni iThe Expresso Morning Show.