UMCULI wegqom uDladla Mshunqisi useveze ukuthi ushaya ibuya umcimbi wakhe Usuku Lomshunqo Music Festival elama ngemuva kokuhlasela kwegciwane iCovid-19.
UDladla uthi ukungalutholi kahle uxhaso kube ngenye yezinto ezenze kwathatha isikhathi eside ukubuya kwalo mcimbi.
Lezi zindaba uzimemezele endaweni yobumnandi iWiseman Car Wash, KwaMashu.
Ekhuluma neSolezwe uDladla, uthe umemezela lezi zindaba nje kusasa kuzophuma ingoma yakhe entsha ethi Yini Lengaka.
Kule ngoma uDladla uthe usebenze nabaculi okubalwa uGoldmax, DJ Tira noSiboniso Shozi.
“Yingoma lena ezokhumbuza wonke umuntu ukuthi kungani ngaba nothando lokwenza umculo weGqom. IGqom abantu abaningi sebethi ifile kodwa ngingasho ngingananazi ukuthi uma kusekhona mina nabanye ozakwethu - esisebenza kanzima ukuthi lolu hlobo lomculo luhlale lukhona, njengoba ngikhiphe le ngoma - ayizofa. Le ngoma izoshukumisa iTheku. Izokwenza wonke umuntu abuyelwe uthando lweGqom,” kusho uDladla.
Uthe idili lomculo wakhe lizoya endaweni ehlukile futhi evulelekile.
“Ngiyabonga kuwona wonke umuntu ongikhuthazile ukuze kubuye umcimbi, esazi kahle sonke ukuthi kusizakala amaciko amaningiaseThekwini ngawo. Kubalandeli ngibakhuthaza ukuthi bathenge amathikithi njengoba usuku lwawo ngeke baze balukhohlwe kalula,” kuchaza yena.
Uthe umcimbi walo nyaka uzobanjelwa eBerea Rovers, eStamford Hill, ngoNovemba 30.
Kubaculi athe bazonandisa kubalwa amaQ Twinz, DJ Tira, Beast, Duncan, Zakwe, Big Zulu, Ayanda Ntanzi, Kabza De Small, Dlala Thukzin, Lerato Kganyago, Somizi, Sizwe Mdlalose, DJ Naves, Sonic, DJ Happygal nabanye.
Amathikithi alo mcimbi uthe azoqala ukudayisa eWebtickets nasePick n Pay ekuqaleni kwenyanga ezayo.
Okunye uDladla akumemezele ukuthi uzovula indawo yokudayisa ukudla iMshunqo Bites, ngenxa yokuthi kulo mkhakha akuwo babuye bengaqashwa.
Leli khishi uthe lizovulwa ekuqaleni kukaSepthemba.