UMSAKAZI woKhozi FM ucacisa ngezinsolo zokushada nomunye umsakazi asebenza naye, okuthiwa yikho okwaholela ekutheni ashintshelwe kolunye uhlelo.
USbu Buthelezi owethula ngokuhlanganyela noMroza Buthelezi uhlelo iNdiza Nathi phakathi nezinsuku ngo-12 kuya ku-3 ntambama, ucacise ngalezi zinsolo ohlelweni lwakhe ngoLwesibili.
Ekhuluma emoyeni uthe kunomuntu omtshele ukuthi uzwe kuthiwa ushade noNongcebo
McKenzie.
Uthe lo muntu uqhubeke wathi omtshelile uze wathi, yikho abaphathi bamkhipha uSbu ohlelweni Indumiso ayelethula njalo ngeSonto ekuseni ngaphambi kohlelo lukaNongcebo.
Utshele abalaleli ukuthi ucele lo muntu oqhamuke nalezi zinsolo ukuthi adalule lo muntu ohamba efafaza amanga ngaye ukuze amqonde ngqo.
Uzakwabo uMroza uvele waphela insini wathi bazomphenya ibheshu, kumele acacise ukuthi ngabe ushade ngempela yini, ukuze bengalokhu bemphikela.
UNongcebo McKenzie uphika izinsolo zokuthandana nozakwabo uSbu Buthelezi Isithombe: FACEBOOK/ NONGCEBO VUKILE MCKENZIE
Ethintwa uSbu uthe ngoLwesithathu ukhulumile nalo wesifazane osabalalise ukuthi ushadile.
“Ngithe uma ngimbuza ngalezi zinsolo wathi ubezidlalela. Ngimbuze ngalokhu ngoba ngifuna ukusheshe ngikunqande kungaze kusabalale kakhulu. Yena uthi ubedlala kodwa abantu ayebaxoxela bebengakwazi lokhu njengoba omunye wabo ubuye kimi wazongibuza,” kusho uSbu.
Uthe ungumuntu oyilandelayo into esuke ikhulunywa ngaye ukuze athole umnyombo wayo.
Uqhube wathi ngaphambilini abalaleli bebeke babasole ngokuthandana noNongcebo kodwa azitshele ukuthi basuke bezincokolela.
“Sisathula izinhlelo ngokulandelana noNongcebo, sasijwayele ukuzidlalela ngaphambi kokungena kohlelo lwakhe Ezingasoze Zabuna. Sasisuke sizidlalela kuyinto esiyakhile senzela ukuxhumanisa kahle izinhlelo zethu njengoba zazihluke kakhulu. Namanje basakwenza noSiya Mhlongo. Esanda kuqala uNjomane abalaleli babeze bethi sizokuceba kuSbu ngokumthathela umuntu wakhe,” kusho uSbu.
Uthe ubengakaze azitshele ukuthi lokhu kungagcina sekusabalalise izinsolo zokuthi bashadile ngoba ubezitshela ukuthi abalaleli babeqonda ukuthi babezidlalela.
UNongcebo naye ukuphikile ukuthi bashadile noSbu, wathi nguzakwabo amhloniphayo futhi abanobudlelwano obuhle
naye.