KULINDELEKE ukuthi izikhalo zabantu, zokuthi kube khona imidlalo ekhuluma ezinye izilimi zakuleli, zizokwehla njengoba ukhuza ibuya umdlalo, Igiyani-Land of Blood.
Lo mdlalo, okhonjiswa ubuye unyamalale, kulindeleke ukuthi isizini yawo yesithathu iqale kwiSABC2 ngoFebhuwari 6.Isizini yesithathu izokhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo9.30 ebusuku.
Kuke kwaba nomsindo, abanye abantu bethi ukungazwakali kwezinye izilimi emidlalweni yakuleli akunambithisiseki.Lokhu kuphoqe ukuthi kubuye wona lo mdlalo obusuchithiwe kwisizini yokuqala, kwaphinde kwasungulwa nomdlalo, Igqeberha: The Empire.
UCaroline Phalakatshela weSABC uveze ukuthi njengoba lo mdlalo ubuya kuza kuwona abalingisi abasha, okuwumndeni wakwaKhoza.
Lo mndeni uzobe uholwa nguSolani Khoza (Lesley Musina), oyinhloko yawo aphinde abe ngummeli futhi uwumuntu ohlonishwa kakhulu ekhaya nasemphakathini.
“Unkosikazi wakhe, uPele (Bokang Phelane), wayesebenza ezindaweni zobumnandi nendodana ezalwa nguSolani ngaphandle komshado, uDzovo (Zigi Ndlovu). Banendodakazi enguphuma silwe, engezwani nento ebheke eceleni, uMambeku (Nsuku Baloyi). Akhona namanye amadodakazi abawathola sebeshadile, uMixo (Nkateko Mabunda) noZuri. Esingakusho nje ngale sizini ukuthi iyona ezohambisana nesihloko salo mdlalo njengoba kuzochitheka igazi futhi kwenzeke izinto ezimangazayo ezishiya abantu bemangele,” kusho uCaroline.
Uthe omunye umlingisi omusha kodwa ozovala isikhala ebesivele sikhona uMahlatsi Mokoena, ozolingisa indawo kaKhensani Mudau.
“Abalingisi okukhona kubo uRami Chuene, Ndivhuho Mutsila, Linah Ngcobo, Noel Baloyi, Fumani Shilubana noMaduvha Madima bayabuya kulo mdlalo. Okunye okuzoba kusha kule sizini ukuthi umhlaba obekutshalwe kuwo ubhanana, nobekuyiwona indawo ephethe lo mdlalo ehlanganisa nemindeni, ngeke isabonakala kodwa sekuzogqama indawo enezilwane nevakashelwa ngabantu abahlukene, okuyiyona esingenisa imali, ecebisa uManoko kuphela ekubeni abantu emphakathini besalangazelela umcebo emhlabeni wabo,” kuchaza yena.