UMCULI wakuleli wodumo lwenoni elithi Banomoya nelithi Midnight Starring, uBusiswa Gqulu, namanje akakholwa ukuthi uyingxenye yefilimu yesihlabani seR&B, uBeyoncé Knowles, esihloko sithi Renaissance: Film by Beyoncé.
UBusiswa (35) ubambe iqhaza kule filimu ngokuba yingxenye yengoma ayenze noBeyoncé, Moonchild nabanye esihloko sithi My Power.
Lo mculi odabuka e-Eastern Cape kodwa okhulele eThekwini, uthe kumthathe isikhathi ukuthi lezi zindaba zingene zigxile kuyena ngale mpumelelo.
"Ukuzwa izwi lami akuve kukuhle kodwa ukuzwa imicabango yami iyizwi lezinselelo nokunqoba kukaBlue Ivy (iNkosazane kaBeyoncé) pho? Angazi kungani uNkulunkulu acabanga ukuthi ngingamelana nalokhu. Kuyisibusiso esiyisimanga nokuhlonipheka."
Uthe kuyinjabulo ukubona umama ehluba isikhupha seqanda, uhlelo nohlelo, phambi kwabo, ephenduka isihlabani ayazi enhliziyweni yakhe ukuthi wazalelwa ukuba yiso.
"Ngijabule kakhulu ngohambo lokuba wumama. Isibusiso esikhulu kwaba ukubona amantombazanyana emhlabeni wonke jikelele ezibona kuBlue Ivy futhi belingisa umdanso nomdlandla weMy Power, lapho iphimbo lami liyingoma ebuntwaneni nabo, beba yizindlovukazi."
UBusiswa uthe akakwazi ukubonga uBeyoncé ngokwanele.
"I-My Power iyisipho esilokhu siqhubeka nokupha."
I-My Power iqale yaba yingoma esefilimini, ebophele abalingisi abaningi bakuleli, okubalwa kubo uConnie Chiume, Mary Twala, Nandi Madida noNyaniso Dzedze, esihloko sithi Black Is King, esuselwe emdlalweni weshashalazi kaLebo M iLion King.
Echaza ngokuhlangana noBeyoncé okokuqala nangokugibela nezitatanyiswa ebhanoyini, uBusiswa uthe lo kwaba wumuzwa angasoze awulibala empilweni yakhe.
Abantu baseNingizimu Afrika babuye bachazeka ngesikhathi le ngoma iba yingxenye ye-albhamu kaBeyoncé ethi Gift, ikakhulukazi ukuzwa uBusiswa noMoonchild besebenzisa ulimi lwesiXhosa njengoba noMoonchild, okhulele eThekwini, edabuka ngaphesheya kweNciba.
IRENAISSANCE: Film By Beyoncé ikhishwe e-USA ekuqaleni kwale nyanga.