UBONGE ukwesekwa ngabantu baseNingizimu Afrika nemiyalezo ayitholile unobuhle waseMgungundlovu, u-Ayanda Thabethe, ohlulekile ukuvikela isicoco sikaMiss Supranational ebesiphethwe yiNingizimu Afrika.
U-Ayanda owaphuma isibili kuMiss South Africa nyakenye ehlulwa nguNdavi Nokeri, ubemele izwe ePoland ngempelasonto.
Ubezama ukuvikela isicoco sikaLalela Mswane waKwaSokhulu asithole ngonyaka odlule. Ngaphambi kwalokho uLalela wadla esikaMiss South Africa.
U-Ayanda ugcine ephume kwabangu-24 kodwa wathola nendondo kaMiss Congeniality.
Owine umklomelo kaMiss Supranational ngu-Andrea Aguilera wase-Ecuador.
Umhalaliselile wamfisela konke okuhle, wabe esebonga nokwesekwa kuleli.
“Ngilujabulele lonke uhambo lwami kuMiss Supranational futhi nginethemba lokuthi nginenze nonke naziqhenya,” kusho u-Ayanda.
Kwenzeka lo mncintiswano nje, sekubhekwe ukuthi kuqokwe uMiss South Africa emcimbini ozoba seSunBet Arena, ePitoli ngo-Agasti 13.
Kusanda kumenyezelwa ukuthi umcimbi uzokhonjiswa bukhoma kwiSABC 3 ngemuva kweminyaka wagcina njengoba ubususakazwa kwiMzansi Magic.
Kulezi zinsuku kusakazwa uhlelo olwandulela umcimbi iCrown Chasers ngamaSonto, kusona lesi siteshi.
Kulolu hlelo kuvela abangenele umncintiswano benza izinto ezahlukene njengemisebenzi, ukufundiswa, behambela izindawo nokunye.
Kunamajaji abehlulela ngokumele bakwenze, okunguBonang Matheba noLeandie du Randt. Kuba nelinye eliyisimenywa. Uhlelo beluphethwe nguZozi Tunzi.