UTHOLE uthando eselahle ithemba uMama Joy Chauke, njengoba ngempelasonto eveze izithombe nesithandwa sakhe esisha saseFrance, nokuyizwe elaziwa ngokugcwala uthando.
UMama Joy waseLimpopo, eMalamulele, uthi utholane nesoka lakhe, angeke alisho igama lalo manje, ebuya kobuka umdlalo owawuphakathi kwamaSpringbok neRomania.
Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi namanje akakholwa ukuthi ukuyomela elakuleli njengomunye wabalandeli bezemidlalo, kumvulele ithuba abesecabanga ukuthi ngeke liphinde livele.
“Mina bese ngiphose ithawula kulo mkhakha njengoba uma kuziwa kwezothando bese ngilivalile lelo khasi. Bese ngihlala ngokuzinakela izingane zami nokuhambela imidlalo ehlukene njengoba ngingumlandeli weRoyal AM. Uma ngingayi enkundleni yezemidlalo bengizinakela ikhaya ngilungise la konakele khona. Engingakusho nje, uthando lungifice ngingalindele njengoba bengihambele ukuyoxhasa amaBhokobhoko eFrance kodwa ngazithola sengingene shi othandweni oluvutha amalangabi,” kusho uMama Joy.
Uthe ukuhlangana kwakhe nalo mlisa bebesesitimeleni esendleleni ebuyela ehhotela akade elele kulo.
“Bekuwuhambo lwamahora amathathu, ngakho ngikhethe ukuthi ngikhumule isigqoko sami, yena lona wesilisa wasincoma, wangibuza ukuthi ngiyilona wesifazane ohlale embona enkundleni yezemidlalo, ngavuma. Babe baningi ke becela ukuthatha izithombe zami. Ube esengibuza ukuthi siya kuphi, ngamtshela. Wasiyalela ukuthi sizokwehla kuphi sithathe isitimela esiyaphi, nokwagcina ngokuthi athathe inombolo yami ukuze uma siduka simshayele ucingo simbuze,” kuchaza yena.
Uthe ubona engathi uyena otholwe uthando njengoba wayengacabangi ukuthi bazofika la bekhona.
“Ngesikhathi engitshela ukuthi uyangithanda, uyazi akubanga nomzuzu la ngicabanga kaningi khona. Kunalokho ngajabula nje ngempela futhi nami ngavuma ngaso leso sikhathi. Uyilo muntu ongijabulisayo. Ngihlala ngihleka, sixhumana njalo, wenza lokhu engithanda ukuthi umuntu wesilisa akwenze kimi. Izithombe bengisakhethe ukungazifaki ezinkundleni zokuxhumana ngoba ngifuna ukubona ukuthi uthando uma sengikuleli luzoqhubeka yini nendlela olwaliyilo eFrance. Ngesikhathi ngibona ukuthi ulungisa amaphepha okuza kuleli ukuze sibe ndawonye, kula ngibone khona ukuthi uthando lwethu luvutha amalangabi,” kuchaza yena.
Uthe othandweni okunye angakubheki ibala kodwa okuhamba phambili manje ukuthi kufezeke iphupho lakhe leminyaka.
Uma kuziwa kwezemidlalo, muva nje uMama Joy uthe ufisa ukuthi ubumbano obelukhona kuleli ngendebe yomhlaba luqhubeke lukhonjiswe uma kudlala namanye amaqembu amele izwe.