UYAPHUPHUMA yinjabulo umculi wokholo ohlabane ngendondo yeBest Female Artist, emcimbini wezindondo ka-16 iCrown Gospel Music Awards.
USindi Ntombela, ubeqala ngqa ukuwina indondo selokhu angena kwezomculo futhi uthi ubesajatshuliswe wukuthi nonyaka ube yingxenye yabacula koweSpirit of Praise kanti kuseza indondo yamaCrown.
“Ukuqokwa bekukukhulu kukodwa kumina. Yinto ebengingazitsheli ukuthi izokwenzeka ukuthi ngiwine indondo enkulu ngalolu hlobo. Njengomuntu obengakaze awine indondo kwezomculo bengizitshela ukuthi mhla ngiwina, ngiyoqala kweyeNewcomer kanti ngizowina enkulu. Ngesikhathi siya kumaCrown bengilindele noma yini ngoba nanyakenye ngangiqokiwe kepha angiwinanga.
“ Injabulo enginayo iyaphuphuma futhi ngizizwa ngithobekile kakhulu ngokwenzeke kumina. Kuningi okusha okwenzekile kumina kulo nyaka. Ngisho nokufonelwa yiphephandaba yinto eqalayo ukwenzeka. Njengoba ngiwinile ngiphinde ngaya nasehhovisi lemeya yaseMsunduzi, ubaba uThebolla (Mzimkhulu Thebolla). Bengiqala ukungena ehhovisi lemeya njengoba ngingene kulona sengiza nezindaba ezimnandi,” kulandisa uSindi, ngentokozo yokuwina indondo.
Lo mculi waseMgungundlovu uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi nangakubo ziyenzeka izinto ezinhle ngoba indawo adabuka kuyona kwaPata, e-Azalea kuward 10, edume ngobugebengu.
Uqhube wathi ubengakaze anake ukuthi usekuleli zinga emculweni kodwa ukunqoba indondo kumhlahlele indlela, kwabeka kwelinye izinga.
USindi uthe ukucula ukuqale emncane eseneminyaka engu-12, wakujwayela esontweni ngoba uyise engumfundisi ebandleni abakhonza kulo. Uthe wake wazama inhlanhla ngenhlolokhono ayenza kwabeJoyous Celebration kodwa akwangalunga. Uyise uthe wayengafuni aye kodwa weqa ngoba efuna ukungena khona. Yize engaphumelelanga uthe akalilahlanga ithemba njengoba engene nakwiSpirit of Praise.
Uthe umuntu omgqugquzelayo emculweni nguDumi Mkokstad, wathi bangabangani kusuka kudala besafunda esikoleni samabanga aphakeme, futhi bajwayelana ngenxa yomculo.
Uqhuba athi waqopha umculo ngemva kokufonelwa nguDumi Mkokstad emva kweminyaka bagcinana. Wambuza ngohambo lwakhe emculweni, wase emlekelela ukuthi aye phambili ngokumxhumanisa nabantu abangamsiza ukuthi akhule. UDumi wavundulula noJumbo ohlabane ngendondo yeBest Male Artist, neyeSong of the year kumaCrown Gospel Awards alo nyaka.
UDumi uhlabane ngeyeBest Song Writer ngengoma ethi, Vumbelimnandi.