KUFIKA kwiTop 10 kumaIdols SA alo nyaka, uthi yinto abengayibhekile uNoxolo Mthethwa (26) waseNamibia eNanda, KwaZulu-Natal obeqala nokucula esiteji esikhulu njengesalo mqhudelwano.
Le ntokazi ithi ayikaze ingenele umncintiswano futhi ikhule icula esontweni, ayikaze iqophe ndawo umculo wayo.
Uthi ungenele umqhudelwano ngenxa yothando lomculo athi yiwona akwazi ukuzichaza ngawo ukuthi uzizwa kanjani.
“Ngingowokuqala othathe isinqumo sokugxila emculweni ekhaya. Amalungu omndeni wami agxile emfundweni, nami okuyinto engikhule ngiyithanda. Bengihlala ngiwalandela ama-Idols SA nginesifiso sokuthi ngigcine ngingenile kuwona ngenxa yokuthi umculo uyimpilo yami. Ebengingenasiqiniseko ngakho wukuthi ngizohamba ibanga elingakanani kuwona njengoba ngingakaze ngiculele izihlwele ngisesteji, ngaphandle kokucula esontweni. Ukufika kwiTop 10 kungijabulisile kakhulu futhi nempilo yami ishintshile kakhulu. Ngifunde lukhulu ngomculo kumaIdols SA ngaphandle kokuthi ngikwazi ukucula nje kuphela,” kusho uNoxolo.
Le ntokazi ithe yize ikhule emndenini okhonze imfundo kodwa ikhule ngaphansi kwesimo esinzima futhi ihlala izigqugquzela ngomculo, ukuthi ikwazi ukuqhubeka nempilo, njengoba ithi iphila ngokuzama empilweni.
Emqhudelwaneni walo nyaka, uNoxolo ungomunye wabane baKwaZulu-Natal abangene kwiTop 10. Uthe okumgcinile wukuthi afike kuleli zinga kungenxa yokuthi akabheki ukuthi abanye ozakwabo benzani, kodwa wenza isiqiniseko sokuthi ulungisa lapho ebona khona ukuthi akenzanga kahle ngokwedlule.
Uthe akafuni nokuthi kube khona umuntu ambheka kakhulu emqhudelwaneni ngoba ubona ukuthi kungaze kumfake amanzi emadolweni.
Kuleli sonto kuma-Idols SA akekho okhishwayo njengoba kukhona abakhishwe ngeledlule.