LIBUKEKA liya ngokufezeka iphupho lomrepha waseNingizimu Afrika, uNtokozo "KO" Mdluli lokusabalala umhlaba wonke njengoba engomunye wabaqokwe kakhulu emiklomelweni emisha amaTrace Awards in Africa.
U-KO oqale ukugqama eqenjini iTeargas ngaphambi kokuzimela, uqokwe kathathu kule miklomelo ezoba seKigali, eRwanda, ngo-Okthoba 21.
Uqokwe emunxeni weSong of the Year, Best Male noweBest Collaboration ngengoma yakhe ebishisa izikhotha iSete.
Lo mrepha obeqokwe nakumaBET Awards emunxeni weBest International Act kulo nyaka, uthe kancane kancane iminyango iya ngokuvuleka.
“Usemningi umsebenzi okumele wenziwe, ukuze ngenze isiqiniseko sokuthi umuntu ungenisa ngendlela afuna ngayo,” kusho yena.
Uthe indondo yeSong of the Year, okanye eyeBest Male yizo angazithokozela kakhulu ngoba zizobe zikhombisa umvuzo wokusebenza ngokuzikhandla.
Umuntu usebenze ngendlela egqamile futhi lokho kungacaca nangale miklomelo. Ingangijabulisa kakhulu. Ngiyabonga kubalandeli bami abangesekile ngoba konke lokhu kwenzeka ngenxa yabo futhi ngicela baqhubeke.
Nakhu manje ngiqokiwe. Leli yithuba lokuthi iNingizimu Afrika ibonakale nomthelela wayo, ngakho ngiyacela bangivotele.“
Uthe unomculo omusha azowukhipha ngenyanga ezayo noma ngo-Okthoba futhi ushintshe izinto kuwo.
“Ngikholwa wukuthi abantu bazowuthanda. Indlela esengizama ukwenza ngayo umculo manje angisenzeli kuphela abathanda i-hip hop kodwa sekungowabantu bayo yonke iminyanga.
Ngenza umculo obonkalisa ukuthi siyaziqhenya ngemvelaphi yethu ngokwesigqi. Uma ngingasho nje, ngingena emculweni wesintu kancane okuyinto ehlukile kwiSete noma iCaracara.
Ngiza nesigqi saseNingizimu Afrika esizosenza sehluke kwabanye bakwamanye amazwe.”
Abanye bakuleli abaqokwe kumaTrace Awards nguMusa Keys, Blxckie, Pabi Cooper, Robot Boii, Kabza de Small, DJ Maphorisa noBenjamin Dube.
Izilomo zakwamanye amazwe eziqokiwe kubalwa kuzo u-Uncle Waffles, Tiwa Sawage, Diamond Platnumz, Burna Boy, Davido nezinye.
Usihlalo ongomunye wabasunguli beTrace, u-Olivier Laouchez, uthe abaculi bakuleli zwekazi nendabuko yabo ekhona banethalente futhi kubafanele ukugqanyiswa nokubungazwa.
"Abaqokwe kumaTrace Awards' bagubha impumelelo nomsebenzi wabantu abangaphezu kuka-150 abangabaculi, abadidiyeli, oDJ, ababhali, abaqambi bezingoma, abaqondisi, abaculi asebenegama nabasakhula kanjalo nabaphathi babo.
Siyabahalalisela bonke abaqokiwe, iningi labo abazoba khona futhi baculi eKigali ngo-Okthoba 21," kusho u-Olivier.
Ukuvota sekuqalile ku-https://trace.plus/awards/