UMLINGISI owazakhela udumo kwi-Generations, uNambitha Mpumlwana, uqokwe emkhakheni oqavile kumaNaledi Theatre Awards.
UNambitha owayenguMawande Memela uqokwe emunxeni we-Best Lead Performance in a Play: Female, lapho edlana khona imilala noMona Monyane, Altovise Lawrence, Tshireletso noZevie Mampofu.
Kwi-Best Lead Performance in a Play:Male, kuqhudelana uBilly Langa, Brent Palmer, Graham Hopkins noSiyambonga Mdubeki.
Umqondisi futhi ongumlingisi, uMoMo Matsunyane, uqokwe emikhakheni engu-14 ngokulingisa nangokuqondisa umdlalo weshashalazi osihloko sithi Unlearn-ing Still.
Ubuye waqokwa eminxeni engu-10 ngokubamba iqhaza emdlalweni othi Ka Lebitso La Moya. Emaqoqweni aqokwe kuyo kubalwa owe-Best Director of a Play lapho edlana khona imilala no-Josias Dos Moleele, Alan Swerdlow, Craig Freimond, Michael Taylor-Broderick noSthembile Prince Lamla. Kowe-Best Performance in a Fringe Theatre Production kukhona u-Abongile Matyutyu, Alex Sono, Mathews Rantsoma, Nthabeleng Masudubele, Refilwe Setati noSeiphemo Motswir.
Eminye iminxa aqokwe kuyo uMoMo yi-Best Costume Design ne-Best New South African Script/Adaption.
Oyisikhulu salo mqhudelano wezindondo, uLihan Pretorius, uthe uyaziqhenya kakhulu ngokusingatha amaNaledi Theatre Awards minyaka yonke.
Yize ejabule kunjalo kodwa uthe ufikelwa umunyu ngenxa yokuthi umsunguli wawo, uDawn Lindberg akasekho emhlabeni.