OMUNYE wabalingisi abaphambili beGenerations: The Legacy, uRefilwe Madumo, uthi amazwi nemibhalo yabantu abagxeka umsebenzi wabo wokulingisa, akakufaki enhliziyweni, kunalokho kungena ngapha, kuphume ngale.
URefilwe waseTaung, eNorth West, olingisa indawo kaFikile kulo mdlalo okhonjiswa kwiSABC1 phakathi nezinsuku ngo-8 ebusuku, ukhulume kanje exoxa noSolezwe ngengcindezi edalwa wukulingisa emidlalweni emikhulu.
“Angizixaki nhlobo ngabasigxeka ngomsebenzi esiwenzayo ngoba nginenkolelo yokuthi akusiwo wonke umuntu ozothanda umsebenzi wethu wokulingisa.
“Sengazitshela ukuthi indaba esiyixoxayo iqondene nabantu abathile kuphela futhi abayithokozelayo nsuku zonke - ngakho kungesize ngalutho ukuzikhathaza ngedlanzana labagxekayo.”
Lo mlingisi oseneminyaka ewu-18 eyibambe kule ndima, ithalente namagalelo akhe kungengatshazwe nhlobo, lokho kufakazelwa wubuningi bemidlalo yethelevishini aseke wabonakala kuyona, eminingi yayo elingisa phambili.
Phakathi kwenqwaba yemidlalo aselingise kuyona kukhona iRing ofLies, Justice For All, Inconceivable, Society, Rhythm City, Izoso Connectionne, Scandal! ukukha phezulu.
Echaza ngemfihlo yokungawesweli umsebenzi uthe: “Ngikubuka njengenhlanhla, nokuthi wonke la mathuba okulingisa kule midlalo angifice ngiwalindele, kwangaba lukhuni ukwenza okungaphezu kokulindelekile kuyona,” kusho uRefilwe olingisa nakwiSide Dish kwiNetflix.
Ephetha, uthe nakuba ejabule kakhulu ngokuba kwiGenerations, kepha ufisa ukulingisa kumafilimu bese ekhiqiza imidlalo yethelevishini ewuchungechunge ezoxoxa izindaba zabantu besifazane abamnyama.