UKUGUQUKA kwesimo sezulu nomthelela wakho omubi eThekwini namaphethelo kwenze inkakha ye-Jazz, uNduduzo Makhathini, yagaba ngezingoma ezixwayisa ngalokho kwi-albhamu yayo ka-12 ye-Jazz esihloko sithi UNomkhubulwane.
UNduduzo, oneziqu zobudokotela kwezomculo zaseStellenbosch University, usanda kwethula le albhamu emcimbini abewenze e-The Chairman, eThekwini, ngesonto elidlule.
Exoxa neSolezwe Ngempelasonto ngayo, uNduduzo uthe inezingoma eziwu-11, kanti ezinye zazo zixwayisa futhi zifundise ngezimo ezibhekene nezwe nokuthi zingalungiswa kanjani.
Uthe igabe ngamanoni okukhona kuwona athi Omnyama, iKwaKhangelamankengane nelithi Iyana, asebenzisa wona ukufundisa abantu ngomlando wezwe, futhi aqhakambise ukuhlonipha imvelo nokuphatha kahle umuntu wesifazane.
“Ngikhumbuza abantu ukuthi kudala kwakwenziwa njani ukumelana nezimo zezulu ezimbi, nokuthi kucelwa futhi kuxoliswe kanjani kuMvelinqangi uma sibhekene nesimo sezulu esingesihle ezweni njengoba sibona sekuyinhlalayenza eThekwini nakwezinye izindawo,” kusho uNduduzo. ofundisa izifundo zomculo e-UKZN.
Le albhamu, ephorojuswe wuDon Was wase-USA, yethulwe okokuqala eNew York ngoJuni, esitebeleni iBlue Note Records, uNduduzo aqale ukuqopha kusona ngo-2020. Useyethulile futhi eGoli naseKapa ngaphambi kokuyethula eThekwini.