UTHEMBISA lukhulu uDkt Nomcebo Mthembu osephinde wathola elinye ithuba lokusiza izithandani nabashadikazi uma kuziwa ekamelweni.
UNomcebo kusuka ngoFebhuwari 4 ngo-9 ebusuku uzobonakala kuMzansi Magic ekhuluma nezithandani ohlelweni oluthi Vus’ Umlilo: Unlock the Intimacy.
Kulolu hlelo, oluzogxila kakhulu kwezithinta ucansi, abalesi siteshi bagcizelele ukuthi izingane zingabi yingxenye yalo ngoba ulimi luzobe luqine kakhulu.
Ekhuluma neSolezwe ngeMpelasonto, uNomcebo uveze ukuthi uzoqhubeka nalokhu abantu abamazi ngakho, ukukhuluma ngokujula kocansi kubantu abathandanayo.
“Ngizosiza abantu abanezikhalo zokuthi ekamelweni akusahambi kahle futhi lokhu sekwenze umdlandla wabo wocansi wehla. Abathandanayo abazobonakala kulolu hlelo bazofuna ukuvuselela lokhu akade benakho eminyakeni edlule ekamelweni nabangasakuboni manje. Ngakho uhlelo lolu olujabulisa kakhulu futhi ngikubheke ngabomvu ukuthi lujatshulelwe iningi, lungasizi nje kuphela labo nje abazobonakala kulona kodwa nalabo abazobe bebuka emakhaya,” kuchaza uNomcebo.
Uveze ukuthi bonke abazobonakala kulolu hlelo bazobasiza besebenzisa amathoyizi ocansi, indlela yokugqoka embhedeni nokunye okuningi.
“Sobakhuthaza abathandanayo ukuthi kumele bazane kanjani embhedeni kanjalo nezindlela abakhule ngazo besebancane nezinkolelo zabo sizozibheka ngoba kwesinye isikhathi indlela umuntu akhule ngayo ingahamba imlimaze ezintweni ezihlukene. Ngakho lolu hlelo luzobheka konke. Siyanxusa ukuthi abantu abadala bangalubuki nezingane lolu hlelo. Abazidedele ziyolala kodwa bona bese belujabulela uhlelo,” kuchaza yena.
UNomcebo useke wenza izinhlelo ezifanayo emsakazweni Igagasi FM, kuSABC1 kanti lukhona alwenza manje emsakazweni Ukhozi FM.
Khonamanjalo, ngalo usuku lwangeSonto kusuka ngoJanuwari 14 kuzoqala umdlalo omusha iKiller Front Page ngo-8 ebusuku.
Umlingisi uLemogang Tsipa uzobe elingisa indawo ephambili yentatheli uSol Mojalefa Phiri.
USol yintatheli ehlononishwayo emkhakheni ekuwona kodwa izinto ziyajika njengoba kuba khona udaba alubhalayo oluba wundabamlonyeni noluholela ekutheni athungathwe abantu bafune ukumbulala.
Abanye abalingisi abazogqama kulo mdlalo kubalwa uSiphesihle Ndaba noLinda Sokhulu.