UMREPHA wodumo lwengoma ethi Siyathandana nethi Phuma Kimi, uCassper Nyovest, ugonyulukile ngokwehlukana nonina wengane yakhe, uThobeka Majozi, waseThekwini. Uthe nguyena uqobo obe yimbangela ngoba ebengaziphethe kahle, ehamba ebhabhabala futhi eyisigqila socansi.
Umrepha uthe ushada nje, bese kuyiminyaka emibili behlukene noThobeka ngenxa yalokhu kungaziphathi kahle okwaxaka unina wengane yakhe.
"Wangishiya ngenxa yokungathembeki kwami ebudlelwaneni bethu. Besikhulisa ingane yethu ngokuhlanganyela. Okuyilokho esizama ukukwenza." Uthe empeleni uThobeka usindiswe kuqala kunaye.
Umncome kakhulu unina wengane yakhe. "Ngiyohlale ngimhlonipha kakhulu uThobeka. Ungomunye wabantu besifazane abayisimangaliso." Uchaze uThobeka njengomama ongungqaphambili nofanele ukuba ngunina wendodana yakhe.
Ebuzwa kwiL-tido Podcast ngokumenze wathatha isinqumo sokushada nentokazi ebingumngani weminyaka uPulane Mojaki, uCassper uthe ubesekhathele ukuhamba ebhabhabala. Uthe uqale ngokuthi asindiswe futhi wazila ucansi izinyanga ezinhlanu.
"Ngisindiswe izinyanga ezinhlanu. Selokhu ngasindiswa bengingakaze ngiye ocansini," kusho uCassper kwiL-Tido Podcast.
Uqhube wathi isinqumo asithathile bekungesokukhombisa ukuthi useyindoda. Uthe akasayikhulumi futhi akasayingeni lento yokuhamba ebhabhabala namantombazane ahlukene.
"Bengifuna ukuba yindoda ethembekile ngoba bese ngikhathele ukudlala. Bese kuyisikhathi sokuthi ngikhule futhi ngisindiswe." Uthe ubeqala empilweni yakhe ukufuna ukushadelwa.
"Angishadelwe ngoba ngifuna ukuzitika ngocansi. Bengifuna ukuba yindoda eqotho nezibophezelele kulokhu engithi ngiyikho. Ngiyaziqhenya ngokuthi ngishadile futhi nginesikhathi esimnandi empilweni yami."
Uthe indodana yakhe eneminyaka emithathu uKgotso, iyona emenze wafuna ukuzalwa kabusha empilweni ukuze abe yisibonelo esihle kuyo, ukuze nayo ibe yindoda eqotho.
UCassper uthe engakasindiswa ubeyisigqila socansi futhi elala nanoma iyiphi intombazane ngaphandle komshado. Uthe uma sewuyisigqila socansi kunzima kakhulu ukuhlukana nokuphinga.