UZODWA Wabantu useziphendulele ebantwini abafuna avalwe emicimbini emuva kokuvumbuka kwe-video ekhothwa isitho sangasese ngenye indoda emcimbini kubuka izihlwele.
Kule-video uZodwa uvela egqoke umsweswana wengubo ekhanyayo, engadilozile. Ubonakala ephenya lo msweswana maqede kuvele ubuntu bakhe njengoba bunjalo.
Kuba sekuthushuka umlisa mumbe obukeka eneminyaka engaphezu kuka-50, maqede angene ngekhanda phakathi kwamathanga kaZodwa bese emkhotha inanazi.
Kwenye i-video kubonakala owesifazane eklenula imilenze bese uZodwa emjoja ebuntwini bakhe ngebhodlela.
Abantu bathi akukhona okokuqala uZodwa enza amanyala esidlangaleni kodwa angenziwa lutho.
Ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto, uZodwa uvumile ukuthi nguye ovela kulama-video. Echaza uthe usuke emenywe ezindaweni zobumnandi ezihanjelwa ngabantu abazifela ngomahosha nama-stripper.
“Abantu abakhalayo ngabantu abangazihambi ezinye izindawo. Kwesinye isikhathi ngike ngiqashwe nomahosha nama-stripper bese kuphoqeleka ukuba ngenze njengabo ngoba ngisuke ngikhokhelwe imali enhle. Ngiyabizwa mina ukuba ngijabulise abantu.”
Uthe kule micimbi asuke egila khona le mikhuba basuke bedonswe ngendlebe abantu ukuba bangashuthi ngamafoni kodwa baqhubeke nokuphula umthetho. “Angizisoli futhi anginamahloni ngoba omahosha bakhona futhi umphakathi uyabadla. Ama-stripper nawo ayabukwa yiwo umphakathi.”
Uthe yena ngeke akuyeke ukugila imikhuba ngoba usuke esebenza. Kukhona abaze baphakamisa ukuba uNgqongqoshe wamaPhoyisa ambophe uZodwa ngoba wenza imikhuba esidlangalaleni.
Eziphendulela uthe akakwazi uCele ukubopha yena, ayeke la madoda asuke emkhotha ngoba usuke engawabizile.
“Uma uBheki Cele efuna ukungibopha, akeze ezindaweni zomahosha, eSummit naseRoyal.” Esephetha uthe abantu banomona ngoba inanazi yakhe iyigolide. “Iyo ebangisa umsindo ngenxa yokuthi ngiwusaziwayo. Abangiyeke, unyaka omusha u-2024.”
UManikivana uthe uZodwa sekufanele aboshwe ngokwenza ichilo emphakathini.
Ozibiza ngo-AK Laleki uthe kufanele avalwe ezindaweni zobumnandi ngoba uyizambane elimbi ezinganeni. "Usaqhubeka nokucekela phansi isithunzi sabantu besifazane abamnyama."
UZodwa obuye abe yisangoma esithwasile uke wadalula kuKhozi FM ukuthi usekhiphe izisu ezingaphezu kweziyishumi. Uqale ukuzakhela udumo ngokudansa engadilozile eYadini Lifestyle eminyakeni eyedlule futhi waze wagcina esepikwa wuDJ Cndo engomeni yakhe ethi Bheja.