YIZE sekuphele iminyaka engu-34, uYvonne "Princess of Africa" Chaka Chaka akhipha inoni elashisa izikhotha elisihloko sithi Umqombothi kodwa namanje inhliziyo yakhe isaqaqamba ngoba uthi kwadliwa amandla akhe.
Ekhuluma kwiNewzroom Afrika, uYvonne (59) uthe nakuba ingoma yaqanjwa nguSello Chicco Twala, no-Attie van Wyk kodwa uthi naye wajobelela izinhlamvu ezithi “Nawu... Nawu Madoda”.
Yize kunjalo uthe ngenxa yokuthi wayengakazi kahle ngomculo, akabalwanga ebantwini ababhala ingoma.
"Abazange bakuveze lokho. Ngifuna abantu bakwazi lokho ukuthi angikaze ngibalwe. Yingakho namhlanje ngenza umsebenzi engiwenzayo manje ukuze amaphutha engawenza, intsha ingawenza," kuxwayisa uYvonne.
Umculi uthe kusemqoka ukuba abantu abasha bazi ukuthi yiliphi iqhaza abalibambile engomeni "ngoba abantu bangena e-studiyo bafike bazijabulise, benze konke bese ingoma ishisa izikhotha maqede wena ushawe ngesithende."
Lokhu kusho ukuthi uma idlalwa emisakazweni naseziteshini zethelevishini umuntu akatholi ngisho nendibilishi emalini ye-royalty.
UYvonne uqhube wathi yingakho eqwashisa izingane ezingena emculweni ukuba ziqale zibe nolwazi.
Eziphendulela kwiSolezwe, uChicco uthe kuyamxaka lokhu okushiwo nguYvonne ngoba ufana nodadewabo futhi uyazi ukuthi angamtholaphi uma enezikhalazo.
"Futhi kungokokuqala ngqa ngizwa ukuthi wabhala (uYvonne) uMqombothi. Imvamisa izingoma ngiyazibhalela bese ngithola abaculi abazozihlabelela. Angikhumbuli ngibhala ingoma noYvonne,“ kuchaza uChicco.
Echaza ngoMqombothi, uChicco uthe nguyena owabhala ingoma maqede wayinikeza owayenguphrojusa, u-Attie van Wyk, owabe esecela ukwengeza izinhlamvu zengoma.
"Ngavuma, okuyikho okwenza igama lakhe (u-Attie) livele eduze kwelami njengomqambi wengoma."
UChicco uthe uYvonne wenza iphutha ngokuhlanganisa ukujobelela (rave) engomeni njengokuqamba ingoma.
"Uma umculi ejobelela okuthize engomeni ebhalwe wumqambi akakwazi ukuzibiza ngombhali wayo. Okunye uYvonne ungumculi onobuchule kabi futhi ungusomabhizinisi wesifazane osephumelele kabi. Ngokumazi kwami, ubengeke athule iminyaka ewu-30 uma okubuzayo kuyiqiniso."
UChicco ubuye wathi kufanele kukhunjulwe ukuthi uYvonne ungumculi osenze inqwaba yezigidi zemali ngokunandisa ngale ngoma, ikakhulu e-Afrika.
"Ekubeni u-Attie nami sathola amakinati uma kuqhathaniswa nemali esiyenziwe ngudadewethu," kuphetha uChicco.
Kwenzeka lokhu nje, uYvonne uzohlonishwa ngeMain Honoured Award kumaLegends and Legacy Ball Africa Awards ngoJulayi 13, eSandton Convention Centre, eGoli.
UYvonne uthe ngalo mklomelo utusa kakhulu amagalelo ezingwazi ezinjengo-Abigail Kubheka, Thandi Classen noMiriam Makeba ngoba uthe yibona ababaphendlela indlela.
Kulo mcimbi uYvonne uzoshiyelana inkundla nezihlabani ezinjengoKoffi Olumide, DJ Zinhle, Mafikizolo, Princess McDonald nabanye.