UMVALELISE ngomyalezo onothando umyeni wakhe umlingisi wakuleli kuhle kwempilo yabo ebebehlala beyiphila nsuku zonke kwithelevishini, kumaphephandaba, ezinkundleni zokuxhumana nasekhaya. UConnie Ferguson ungunkosikazi kaShona odlule emhlabeni ngoLwesihlanu olwedlule namhlanje ubekwa endaweni yakhe yokugcina.
UConnie uchaze umyeni wakhe njengendoda ebihlukile inothando futhi yenzisisa kukhona konke ebimenzela khona namadodakazi akhe. Uqale wamthakazela ngawo wonke amagama amnandi ebebebizana ngawo ngezikhathi ebezimndandi nebebehlale bekwenza ngisho ezinkundleni zokuxhumana. UConnie uthe yize engasekho uShona kodwa uthando lwakhe lugcwele kuye luyachichima nokuyinto abashiye nayo.
"Sthandwa sami angikakaze ngicabange nakancane ukuthi ngingazithola kulesi simo engikusona namhlanje ngaphandle kwesiqu sakho. Angikakaze ngicabange ngathi sikulesi simo esikuso namhlanje. Besihlanganisa unyaka ka-20 sindawonye futhi ngisabheke eminye iminyaka ngithi sisazoyihamba sonke le ndlela. Angimazi umuntu obenamandla njengawe ngendlela olwe ngayo nasesibhedlela. Ngifuna wazi ngiyaziqhenya ngawe, ulwile izikhawu ezahlukene kunzima esibhedlela, ngibuhlungu inhliziyo yami iyaqaqamba bengingakulindele ukuthi usungahamba namadodakazi akho ebangakulungele,"kusho uConnie.
Uveze ukuthi bekungelula ngesikhathi uShona esesibhedlela. Ngisho beyombona bebekhuleka kanye naye noma ngesinye isikhathi ebebuye abambeke angakwazi ukukhuleka kanye nabo. "Ngiyakuqonda ukuthi uNkulunkulu wenza ngendlela ehlukile, izinsuku ezedlule bekungathi ngiyaphupha ngisazophaphama kuthiwe bekuyiphupho elibi. Enginesiqiniseko sakho ukuthi uNkulunkulu nawe futhi impilo yakho yonke ubulilungiselela lolu suku ngoba ubumthanda uNkulunkulu,"kusho uConnie.
Eqhuba uthe kuningi akufunde kumyeni wakhe okubalwa nothando lweqiniso njengoba wayengakaze azitshele ukuthi angathola owesilisa omthanda ngendlela ebenza ngayo uShona.
"Umyeni wami ubenothando enakekelana kakhulu, emthanda kakhulu noNkulunkulu. Noma ngibe neminyaka ewu-20 nawe kodwa ubungithanda ngendlela engingakaze ngizitshele ukuthi ngingathandwa ngayo. Ubuhlala uthi uNkulunkulu uwuthando nawe ubungithanda kanjalo nezingane zami nomndeni wonke. Kumele ngikuqonde ukuthi uNkulunkulu unecebo elehlukile kodwa usenguye noma ngididekile ngingaziboni ngiphila ngaphandle kwakho. Ngiyazi uNkulunkulu uyangithanda ngokungipha wena iminyaka ewu-20 nabantwana bami,"kusho uConnie.
Inkonzo yomngcwabo isaqhubeka njengoba isakazwa bukhona ngobuchwepheshe besimanje nezinye zeziteshi zethelevishini zilokhu ziyiveza iziqephu.