UMLINGISI ophinde abe ngumethuli wezinhlelo kuthelevishini, uthi yize ayeshadile ngaphambilini kodwa usafisa ukuphinda ashade futhi ngoba uyakholelwa othandweni kanye nasemshadweni.
UMoshe Ndiki obengumlingisi kwiThe Queen, ophinde abe ngumethuli wohlelo i-You Promised to Marry me kuMoja Love, uthi njengomuntu oseke washada ngaphambilini usafisa ukuphinda ashade futhi.
UMoshe ophinde waduma kakhulu ngothando lwakhe obeluvutha amalangabi noPhelo Bala ongumculi ngo-2020 ngesikhathi begubha unyaka beshadile njengoba kwavela ukuthi babeshade ngasese ngo-2019, kuke kwavela ukuthi izinto azibahambeli kahle.
Ngawo u-2020 lezi zithandani kwavela ukuthi zinezinkinga othandweni njengoba zase ziyisane enkantolo ngecala lokushaya elalithweswe uMoshe emuva kokuba kube nengxabano phakathi kwabo.
Ekhuluma neSolezwe ngoMqibelo, uMoshe uthe uyaluthanda uthando kanti futhi nomshado uyawuthanda.
“Njengomuntu owayeshadile ngaphambili ngisazophinde ngishade futhi ngoba umshado ngiyawuthanda futhi nothando ngiyaluthanda. Inkinga ayikho othandweni noma emshadweni kodwa isebantwini,” usho kanje.
Uqhube wathi yize engazi ukuthi uzoshada nini nobani kodwa yena usazoshada noma ikanjani.
UMoshe usephinde wazakhela igama njengoba esethula uhlelo oluvela kuDStv Channel 173 njalo ngoLwesine ngo-17:30 kusihlwa iSeven Colours alwethula noLillian Dube.
Uthe uyakuthakasela kakhulu ukuthi abe yingxenye yalolu hlelo ngoba uyakuthanda ukunandisa futhi uyakuthanda nokudla.
“Izinhlelo engike ngazenza ngaphambilini ziyafana nalolu engilwenza manje ngoba zonke zingiyisa emizini yabantu, umehluko ngalolu wukuthi basuke bengilindele, angivele ngitheleke nje,” kuchaza yena.
UMoshe uphinde wathi buningi ubumnandi obusazoba khona, ubonga kakhulu ukusebenza noLillian Dube ngoba ungumuntu onamahlaya futhi ozimisele ukufunda uma into engayazi, lokho okubenza bakhulisane ngoba naye kukhona akufundayo kuyena.