AKUSENSUKU zatshwala umculi odume umhlaba wonke, uZandile "Doja Cat" Dlamini, anyathele eNingizimu Afrika.
Lezi zindaba zidalulwe wuyise kaDoja Cat (28), uDumisani Dlamini (60), owazakhela ugazi ngokulingisa indawo kaCrocodile kwiSarafina nekaChester kwiYizo Yizo 2, ngesikhathi ekhuluma kwiWoza Nabangani Bakho oKhozini.
Uthe uzoyilanda indodakazi yakhe ngoba efuna ukuhlabekisa izimfamona ezingayithandi into enhle.
Exinwa ngemibuzo ngoDoja Cat, uDumisani unxuse ukuba udaba lwakhe babuye balukhulume. "Impela uZandile yindodakazi yami. Ngezitho ufana nogogo wakhe, uMaMkhize."
UDumisani ukhuluma kanjena nje, uDoja Cat amthola kowayengumkakhe uDeborah Sawyer, usanda kubhala kwiX ukuthi uyise akamkhulisanga kodwa wakwazi ukuphila kahle. Nango-2019, uDoja Cat wake watshela umethuli weQuicksilver Show phesheya, uLeah Henry, ukuthi akakaze wahlangana noyise futhi abanabo ubudlelwano.
Nakuba kunjalo, uDumisani wajabula ngesikhathi uDoja Cat ehlabana ngomklomelo wokuqala kuma-64th Grammy Awards eLas Vegas ngo-2022. Ukuhalalisela indodakazi yakhe kwamdonsela amanzi ngomsele kubantu ezinkundleni zokuxhumana njengoba bashiya abangalazi.
UDoja Cat, odume ngengoma ethi Say So nethi Kiss Me More, ushiya abantu bengawuvali umlomo ngendlela asegqoka ngayo kulezi zinsuku kangangoba umrepha wakuleli uBig Zulu uze waphakamisa ukuba uyise amenzele imbeleko.
Kukhalwa ngokuthi ugqoka oplastiki noma ahambe ebhince ithawula.
UDumisani yena kusamhambela kahle kulezi zinsuku njengoba ezobonakala ebanga ukushisa emdlalweni we-e.tv, Isitha: The Enemy.
Uthe uzobe elingisa indawo kaNsimbi, okuyindoda engukhandashisa.
"Sengiqalile ukuqopha. Kuzoba nzima kakhulu. Uyazi, uma ngifika emdlalweni, kuba nomuntu ofayo. Uma ngifika lapho kuqoshwa khona, bayathuka abalingisi ngoba basuke bazi ukuthi kunomuntu ozofa."
Esephetha uDumisani uthe uzokhipha i-albhamu kulo nyaka ezobe igxile emculweni we-Afro pop ngoba usekhulile kodwa zizobakhona izingoma ezimbalwa ze-kwaito.
Akukhona okokuqala uDumisani engena emculweni, uke wakhipha amanoni ekwaito ne-hip hop athi Intshiza nelithi Win.