YIZE umculo wakhe ungadlalwa kangako eziteshini zemisakazo zakuleli futhi engaqashwa ngokwanele nasemicimbini emikhulu kodwa uSipho "Magic Voice" Zulu, uwumele umaskandi emazweni angaphandle.
Ubufakazi balokho ukuthi uyena kuphela umculi kamaskandi oqhathwe nezihlabani zase-Afrika kumaShining Star Africa Awards azobanjelwa eSandton Hotel, eGoli, ngo-Agasti 3.
Lo mculi odabuka KwaNongoma, uqokwe emunxeni we-Best Star Artist of the Year nakowe-Best Star Young Achiever of the Year.
Phakathi kwezihlabani zakuleli amele nazo iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano kubalwa uKelly Khumalo, Boity Thulo, Nonku Williams, Thabsile Zikhali, Penny Ntuli, Ronwen Williams (Mamelodi Sundowns), Temba Bvuma (Cricket), Ayanda MVP, Mawhoo, Cyan Boujee, Innocent Sadiki, Senzo Radebe nabanye.
Nyakenye, uMagic Voice uhlabane nge-Best Star Male Artist kuwo lo mqhudelwano ngengoma ethi Isilungu.
Ngo-2022, uMagic Voice uwine i-Best Traditional Music Artist kwiZikomo Africa Awards, eZambia ngengoma ethi Ngibuzwile Ubunzima.
Ngawo lowo nyaka, uMagic Voice wahlonishwa ngomklomelo weDigital Certificate kuma-International Prime Awards abese-India.
Nyakenye, uphinde wahlabana kuma-International Golden Awards Phillipines 2023 abese-Aberdeen Court Hotel ePhillipines, lapho abeqokwe emunxeni weMost Outstanding Achievement in the Field of Music Industry nakowe- International Media Influencer of the Year.
UMagic Voice uthe ukuqokwa nje emncintiswaneni osezingeni lomhlaba kukodwa kusho lukhulu kuye.
"Emlandweni womculo kamaskandi kungokokuqala ukuthi kube nomculi oseke wawina umklomelo osezingeni lomhlaba. Lokho kungenza ngithokoze kakhulu ukuthi kube yimina oqopha lowo mlando. Bekungaba ngomunye kodwa ukuthi kube yimi, lokho kungenza ngiwubuke ngenye indlela lo msebenzi engiwenzayo ngoba amazwe awawazi lo mculo engiwenzayo kodwa akwazile ukuthi engihlunge eningini ngenxa yomsebenzi wami."
Uthe manje amehlo akhe asethe njo kumaGrammy Awards ukuze abe wumculi wokuqala kumaskandi obuya nendondo.
*Ukuvotela abaqokwe kumaShining Star Africa Awards kuvalwa ngoLwesibili lwakusasa.