UKHWELE wadilika ongungoti emkhakheni wezomculo uDkt Sipho Sithole, kuNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko nezemiDlalo, uMnuz Gayton McKenzie. Ungoti ugxeka isenzo sokusabalalisa amagama amaciko ahlomula esikhwameni okwakuhloswe ukubonelela lawo ayekhahlamezwe wubhubhane, iCovid-19 Relief Fund.
Kuleli sonto uMnyango udedele uhlu lwamaciko nabadlali abahlomule esambeni sikaR72 million, nesikaR4 million.
USithole osefundisa enyuvesi yaseMelika, waziwa ngamagalelo akhe kwezobuciko ngoba useke wabamba iqhaza emnyangweni, nakwaSABC futhi unabaculi abavumbululile okubalwa kubo oZuluboy noZakwe.
Ekhuluma kwiNewzroom Afrika, uSithole uthe ukube kuya ngaye, ngabe umengameli wezwe umkhomba indlela uMcKenzie ngoba ungunontandakubukwa.
"Ngiyethemba uMengameli uRamaphosa uzothola ukuthi wenze iphutha ngokuqoka umuntu ojabuliswa wubala," kusho uSithole.
Wathi amaciko awahlambalazile awanacala alenzile kodwa acelwa ngumnyango ukuba afake izicelo zokubonelelwa esikhwameni. Uthe uma uMcKenzie engabuzwa ukuthi usenzeni, angazishaya isifuba ngokushicilela uhlu lwamaciko ahlomula kuphela.
"Ngabe uhlu lwezigebengu? Yini eyenziwe ngamaciko. Ngabe kuyicala ukuba yiciko? Uwahlambalazile amaciko. Yingakho ngithe ukube bengiyilawa amaciko bengizothatha imali, ngiyifake ebhaleni, ngiyiqhube, ngiye nayo emahhovisi omnyango. Ngithi yithathe lemali, sewusihlaze kakhulu ngayo."
Uthe umnyango udinga umuntu onendaba hhayi ozobethela amaciko. Unxuse uMcKenzie ukuba azijwayeze ukufunda iMasterplan 2040 eqondene namaciko ukuze azi ukuthi yini okudingeka ayenzele umnyango. Esephetha uthe uzimisele ukuhlala phansi noMcKenzie uma ezimisele ngokulalela.
Ekhuluma kwiSABC News, uMcKenzie uthe akazile ukuzosinisa amahleza kulo mnyango nokuthandwa kodwa uzosebenza. Uthe kules sikhathi esincane engenile emnyangweni sekukukhulu asekwenzile nasekuguqulile. Uthe ngesonto elizayo uzohlangana nabamele amaciko. "Kunento abantu abangayazi. Kunabantu abangewona amaciko kodwa abathola imali emnyangweni. Kunabantu abangekho kwezemidlalo kodwa abathola imali emnyangweni. Kunabantu abasezintweni ezithinta amagugu kodwa ababambe iqhaza ekugcineni amagugu bese bethola imali. Ekubeni kunamaciko nabadlali abadla imbuya ngothi. Ngaphansi kwami, angihlonizi ngalokho, uma uthatha imali kahulumeni kufanele kwaziwe. Sebenzisa eyakho uma ungafuni kwaziwe."
Uthe kuwumsebenzi wakhe njengongqongqoshe ophethe umnyango ukuba aqhamuke nezinguquko ezizohlomulisa amaciko nabadlali.