UKUKHALAZA kwabalandeli bakhe ezifundazweni ezahlukene ezweni, becela avakashe emadolobheni abakuwona, ngesinye sezizathu ezenze iciko eligqame ngokucula amahubo, uMbuso Khoza wahlela umjikezelo womcimbi womculo.
Engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto, uMbuso uthe bese kuyisikhathi eside abalandeli bakhe bemcela ukwenza umcimbi womculo, wase enquma ukwenza Ifa Lomkhono Tour, lapho ezohambela khona emadolobheni amane ezifundazwe ezintathu.
“Ifa Lomkhono yisihloko se-albhamu yami ye-jazz ephume ngonyaka odlule, nengiyiqambe ngomunye womalume bami uFalomkhono, igama eliyisifundo sokuthi ifa lawo wonke umuntu lisemkhonweni, okuchaza ukuthi ukuzikhandla kokwenzayo kwenza uzuze konke okufisayo empilweni, futhi kukhuthaza ukuthi abantu ukuzimela, banganciki kwabanye,” kusho uMbuso.
Lo mjikelezo womcimbi uzoqala eBarnyard Theatre, eThekwini ngoJulayi 3, uqhubekele eBarnyard esePitoli ngoJulayi 5, uye eSilverstar Barnyard, eGoli ngoJulayi 6, bese uqhubeka eTyger Valley Barnyard, eKapa ngoJulayi 31, ngaphambi kokuthi uphethwe e-Emperors Palace Barnyard, eGoli ngo-Agasti 7.
Kulo mcimbi uMbuso uzobe ehambisana nembongi uNomangungu nomculi u-Anella Ngwenya, kanti amathikithi awo aseqalile ukudayisa ngoR350 umcimbi ngamunye ku: https://www.barnyardtheatre.co.za/