UMCULI kamaskandi, uLindelani "Masinga" Dumakude, ubangwa nezibi esibhedlela esizimele saseGoli emuva kokuphuthunyiswa khona egwazwe obeyintombi yakhe inxeba elibi ngasenhliziyweni kulandela ingxabano ebimayelana nothando lwabo.
UMasinga (34) wasesigodini saseNhlesi, eMabomvini eMsinga, uthe ugwazwe yile ntokazi abethandana nayo ngemuva kwengxabano ebilandela ukuthi eyitshele ukuthi abahlukane.
Uthe lokhu uwayekwenziswa wukubona ukuthi abezwani, bahlale bexabana futhi iwumuntu othukanayo nonodlame.
“Ibingayizwa nakuyizwa ekamahlukana. Lesi sigameko senzeke ngiphuma konandisa emcimbini kamaskandi obuseGermiston ngeSonto ebusuku.
"Le ntokazi yayilokhu ingifonela, ingethuka. Ngathi uma ngiqeda ukwehlisa izinsizwa engisebenzisana nazo, ngayopaka lapho ngihlala khona eGermiston.
“Ngathi ngiqeda nje, ngabona ngomuntu esevula isicabha. Wabe esephuma lo wesifazane ebengithandana naye.
“Ngathi ngisamangele, ngifuna ukwazi ukuthi ufunani, wavele wangibhuxeka ngommese maqondana nenhliziyo," kusho uMasinga odume ngeleSigqoko Sembongolo futhi oshaya ushuni kaBhekumuzi Luthuli.
Uthi indlela leli nxeba elijule ngayo, nangendlela lo wesifazane amgwaze ngayo ecindezela ummese, namanje akazi ukuthi usasinde kanjani.
UMasinga odume nge-albhamu ethi Ekoneni (2023) nethi Emagcekeni (2021), uthe ubengakalivuli icala ngenxa yokuthi uselashwa esibhedlela kanti nodokotela bamtshele ukuthi nenxeba lisendaweni ebucayi.
Njengoba esesibhedlela uthe akafuni kwazi abantu ukuthi ukusiphi ngenxa yokuthi usabela impilo yakhe.
Ebuzwa uMasinga ukuthi kungani abefuna ukuhlukana nomsolwa, uthe ubudlelwano babo bebuvele bunokuhlukumeza.
Isolezwe Ngempelasonto lizamile ukuthola ukuphawula komsolwa kodwa waphendula, wabuye wayicisha impendulo kuWhatsApp.