‘ONESO elimnene uyakubusiswa, ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe,’ Izaga-22 ivesi 9, elishiwo uMawhoo ngesikhathi evakashele izikole ezintathu eKlaarwater, eThekwini muva nje, eyonikela ngezicathulo zesikole nezinye izinsiza kubafundi.
UNksz Thandeka Ngema odume ngelika Mawhoo kwabaningi, ezikoleni anikele kuzo kubalwa izikole zamabanga aphansi ezimbili iKlaarwater Primary ne-Nonopha Primary ebese kuba esamabanga aphezulu iPhakathi Secondary ezingaphansi kwesiFunda iPinetown.
Ekhuluma neSolezwe, uthe ukunikela yimbewu eyatshalwa kuye esakhula ekhaya kubo.
"Kuyinto engayifundiswa ekhaya ukuthi uma unokuthize okuhle, yabela nabanye njengoba kuhlezi kushiwo ukuthi sibusisiwe isandla esiphayo kunesamukelayo," kusho uMawhoo.
Uthe ubone kufanele ukuthi ayonikela emphakathini lapho akhulele khona.
"Bekusenhliziyweni yami ukuthi ngiphe izingane zangalapho engikhulele khona njengoba kubalulekile ukuthi uma ungumuntu ungakhohlwa lapho oqhamuka khona. Kuyangijabulisa kakhulu ngoba kungenza ngizizwe nganele njengoba kukhona abazali kanye nezingane ezijabulayo ngenxa yami," usho kanje.
Uthe ngakwezomculo abantu bengalindela okuningi kuye njengoba kukhona i-albhamu yakhe asebenza phezukwayo abathandi bomculo wakhe abankanise ezinkundleni zokuxhumana.