Uphrojusa nomculi osayine eNkabi Records, uXowla usengena ebhizinisini lezimpahla ngamateku azoba nelebuli yegama aziwa ngalo kwezobuciko, elithi Xowla i-Stallion.
Leli ciko elidabuka eMnambithi kodwa eselizinze eGoli, litshele Isolezwe ukuthi izingxoxo sezikuvuthondaba nabaphathi beMitch Footwear, inkampani eyenza amateku, nokuyiyo eyamthinta icela ukuthi azoba yinxusa lemikhiqizo yalo yamateku.
“Siqala ukuxhumana bacela ukuthi ngibe yinxusa lamateku abo, ngibamakathele wona ezinkundleni zokuxhumana. Ngabona ithuba lokuba nento yami eqondile, ngacela ukuthi bangenzele amateku ami njengoba sesila esikhona manje,” kusho yena.
UXowla ogama lakhe lokuzalwa wuXolani Shabalala, wodumo lwengoma ethi Bengidakiwe ayishaya noDJ Tira, uqhube wathi ngenxa yokuthi umculo awuhlale ungenisa imali njalo, kuhle ukuba nezinye izinto ozenzayo ukusiza ukungenisa imali.
“Yingakho senza lamateku ukwandisa izinto engizenzayo ezingenisa imali, njengoba sengivele ngiqalile futhi ngesitebele sami somculo esiseceleni iStallionTainment, esengifake iciko uDumezweni kusona,” kusho uXowla.
Ephetha, uXowla udalule ukuthi ingoma asanda kuyikhipha ethi Namhlanje, apike uK.O kuyona, yendlalela i-albhamu yakhe yokuqala ahlela ukuthi iphume ngenyanga ezayo.
I-Mitch Footwear yasungulwa ngo-2022 wuJonny Modiba waseLimpopo, kanti amateku kaXowla azoqala ukutholakala maduze uma sekuqede konke okusalungiswa ngawo.
Inkabi Records, okusayine uXowla kuyona, iphethwe wuBig Zulu, kanti amanye amaciko aqopha umculo wawo kuyona wuLwah Ndlunkulu, uMduduzi Ncube noSiya Ntuli.