Incwadi ekhuluma ngobudlelwano bomrepha uKiernan “AKA” Forbes nengoduso yakhe u-Anele Tembe, bobabili abangasekho, iWhen Love Kills: The Tragic Tale of AKA and Anele, ishiya imibuzo engaphendulekile ngezenzo zalo mrepha ngemuva kokufa kuka-Anele.
U-Anele (22) washona ngemuva kokuthanqazeka phansi esuka esitezi sika-10 ehhotela iThe Pepperclub, eKapa, ngo-2021.
U-AKA ngakolunye uhlangothi, wadutshulwa wabulawa kuFlorida Road, eThekwini, ngo-2023. Kuleso sigameko, okuboshwe kuso amadoda asacela ibheyili ayisikhombisa okubalwa namabili okusazanywa ukuthi abuyiselwe kuleli, kwafa nomngani ka-AKA uTebello Motsoane.
Encwadini, umbhali uMelinda Ferguson ukhulume noyise ka-Anele, uMoses Tembe kanjalo nowazama ukuhlenga impilo yale ntokazi ngemuva kokuthanqazeka kwayo, uRob Stefanutto.
Incwadi ihluba udlubu ekhasini ngokuthi u-Anele wayengubani njengoba kwakungekuningi okwakwaziwa ngaye ngaphambi kokushona kwakhe. Iphinde iveze nokukhula kuka-AKA, ukungena kwakhe emculweni kuze kube uyabulawa.
Okuningi okuthinta u-AKA kuchazwa yimithombo njengoba umndeni wakhe uzihlangulile encwadini okunye kwathathwa emithonjeni yabezindaba ayekhuluma kuyo, nasezinkundleni zokuxhumana.
Okuningi kuthathwe engxoxweni aba nayo nentatheli, uThembekile Mrototo, ngemuva kokungcwatshwa kwengoduso yakhe.
Incwadi iveza ukuthi lezi zithandani zazivame ukuxabana kodwa u-AKA walobola noma kunjalo.
Ngemuva kwamasonto amathathu, zaya eKapa lapho kwakunandisa khona u-AKA.
Ngemuva komcimbi, kuthiwa u-Anele no-AKA babuyela ehhotela lapho kuthiwa kwaba nomcimbi khona.
“Cishe iziphuzo zazingangamanzi okuphala izikhumba futhi maningi namathuba okuthi ‘kwakunezidakamizwa zamaphathi’ njengeCocaine,” kusho incwadi.
Ngokomthombo, kuthiwa ehhotela kuningi okwakwenzeka njengokuthi kuyiwe ocansini abantu bebathathu noma bebane emagunjini futhi iziphuzo zilokhu zigeleza kukhona nezidakamizwa.
Ebusuku ngokomthombo, lezi zithandani zaxabana, u-Anele enovalo lokuthi u-AKA uzomjolela.
Zaxabana isikhathi eside nokuyilapho u-AKA wehlela endaweni yokwamukela izivakashi eyoqasha elinye igumbi. Lo mrepha waveza ukuthi esefikile wabona ukuthi ukhohlwe yiselula egunjini lakhe ephethe eka-Anele ngephutha. Incwadi iveza ukuthi ngokomthombo namakhamera, lo mrepha wabonakala ekhuluma neselula.
Esesegunjini, ingxabano yaqhubeka u-Anele wakhumula izimpahla ethi uzophuma egunjini ebhushuzela futhi wasabisa nangokuzithanqaza. Kuthiwa wakhipha nendandatho yesethembiso somshado wamshaya ngayo.
U-AKA waveza ukuthi washayela ucingo endaweni yokwamukela izivakashi. Waphinda wazivalela endlini encane waphuma ingoduso ingasekho, isizithanqazile.
UStefanutto, ongusomabhizinisi, owayesebhilidini elakhelene nehhotela, uthi wezwa owesifazane ememeza ethi akayekwe.
“Ngiyeke, suka eduze kwami!”
Uthe ngemuva kwemizuzwana, wezwa umsindo osakuqhuma, walunguza wabona owesifazane ethanqazeke phansi.
UStefanutto uthe wazama ukumvusa wamtshela ukuthi uma emuzwa akacwayize nebala u-Anele wacwayiza. Kuso sonke leso sikhathi kuthiwa u-AKA akaze avele.
Uyise ka-Anele ukholwa wukuthi indodakazi yakhe yabuqeda ubudlelwano bayo nalo mrepha nokuyingakho yamshaya ngendandatho.
“Ubani ongeke ehle ayozama ukusiza owesifazane amthandayo uma elele emgwaqweni?” kubuza uTembe.