INTOKAZI eyaqopha umlando ngokuba nguDJ wokuqala wakuleli ukukhipha i-albhamu, uSindisiwe "DJ Cndo" Zungu, idalule ukuthi yeseka iDA.
UDJ uthe weseka usihlalo weDemocratic Alliance (DA), uMnuz Chris Pappas neqembu leDA okhethweni lukazwelonke olungoLwesithathu.
UDJ Cndo, obuye aziwe ngeleFinest Lady of House, ubonakala ekhuluma kwi-vidiyo esezinkundleni zokuxhumana ethi "Silapha namhlanje sizophromotha iDA njengoba wazi ukuthi kuza ukhetho. Ngiyacela nivotele iDA. Nivotele iNingizimu Afrika engcono. Takula iKZN. Elami ivoti ngizolifaka kwiDA. Ngizobe ngesekela uChris Pappas," kusho uCndo.
Ebuzwa yiSolezwe Ngempelasonto ukuthi kungani elaxaze i-ANC, waqoma iDA, uDJ Cndo "Ngicela ukungaphawuli ngezokhetho nepolitiki. Angiphawuli," kuphetha uDJ Cndo.
Kuthintwa umphathi wenkampani aqopha ngaphansi kwayo uDJ Cndo, i-Afrotainment, uMthokozisi "DJ Tira" Khathi, uthe bayayihlonipha imibono yomuntu nokuchema kwamaciko abo.
“Yize sibagqugquzela ukuba bakhulume ngokukhululeka ngabakholelwa kukho nokubamba iqhaza ezintweni ezenziwa wumphakathi, abakwenzayo akuhlangene ne-Afrotainment. Inkampani yethu isaqhubeka nokungachemi ezindabeni ezimayelana nepolitiki futhi ayisekeli nelilodwa iqembu lepolitiki," kuphetha isitatimende sikaDJ Tira.
UDJ Cndo ugcine ukukhipha umucu ithi Hezekiya, nabepike kuwo uPrince Bulo noSizwe Mdlalose ngoNovemba 18, 2024, emuva kokunyamalala iminyaka eyisithupha. Leli ciko like lashisa izikhotha eminyakeni edlule ngamanoni athi Ngisemathandweni, Yamnandi Into, Bengidzakiwe namanye.
UDJ Cndo wahlabana ngomklomelo weBest Dance Album ngo-2011, nangoweBest Female Artist ngo-2014, kumaMetro FM Music Awards.
Kusenjalo, namhlanje kusukela ngo-10 ekuseni le ntokazi izonandisa kwiPicnic ye-IFP eKwaMsane High Perfomance Centre, eMtubatuba. Kusasa uDJ Cndo unandisa kwirali yeDA eseWillowmore Stadium, eBenoni, nasemcimbini wokugubha usuku azalwa ngalo eWiseman Carwash (C Section), KwaMashu, lapho ezoshiyelana inkundla noLe soul, DJ Queen nabanye.