ABACULI beqembu le-Afro pop, iMalaika, akade sebeyinkukhu nempaka, bakhumelene umlotha kwiPodcast and Chill with MacG.
UBongani Nchang noTshedi Mholo bebezifikele mathupha kulolu hlelo oluvezwa kwi-YouTube, ukuba bazoziphendulela kubabukeli emuva kokunikizana ngezithupha esidlangalaleni.
Umfantu kuleli qembu eladuma ngengoma ethi Mhla Uphel' Amandla waqala ukuvela ngesikhathi uTshedi esezimela ngo-2013 emuva kokudlula emhlabeni kwelungu lesithathu, uJabulani Ndaba. Leli qembu lalishisa izikhotha kangangoba laze lahlukanisa unyaka oKhozini izikhawu ezimbili ngengoma ethi Destiny ngo-2004 nethi 2 Bhobho ngo-2005.
Indaba yokungahoshelani kwalaba baculi yavela obala ngo-2021 ngesikhathi uTshedi ememezela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ihlukene inhloko nesixhanti phakathi kwakhe neMalaika. Wabhala ukuthi akukho okubaxabanisile noBongani kodwa ubesefuna ukukhula nokushaywa wumoya.
Kugcine sekunamaqembu amabili eMalaika, eholwa wuBongani neholwa wuTshedi.
UTshedi ohlelweni udalule ukuthi uthole incwadi kubameli bakaBongani, ebimyalela ukuba ahlukane nokunandisa ngezingoma zeMalaika njengoba esehoshe imfe kuyo.
Ube naye eseyalela uBongani ukuba bakhiphe iphimbo lakhe ezingomeni zeMalaika njengoba esecula nenye intokazi.
UTshedi uthe yena waqala ukushaya amakhala ngesikhathi kunomsebenzi kubo kaJabu. Uthe uBongani wamshiya kulowo mcimbi wayonandisa yedwa komunye umcimbi.
UBongani uthe okwamenza wathatha isinqumo sokucula yedwa ezibiza ngeMalaika wukuthi uTshedi wazishiyela yena eqenjini futhi bavumelana noJabu ukungalihlakazi iqembu ngisho engasekho. UTshedi uthe washiya uBongani neqembu ngoba wayeseqalile vele ukunandisa yedwa.
Bebuzwa ukuthi yini abacabanga ukuthi yabaqhatha, uTshedi uthe kwaqala kwanabantu ababebiza yena ngoMalaika bese uJabu noBongani babizwe ngabantu abamkhapha ngamaphimbo.
UTshedi ubuye waveza ukuthi uBongani wathi wuyena onegunya lokusebenzisa izingoma zeMalaika ngoba une-copyright.
UBongani uthe izingoma zeMalaika zaqanjwa nguye kwathi uTshedi wazicula.
Naye uTshedi uvumile ukuthi wafika sezibhaliwe kodwa uyawafuna amalungelo akhe ngoba wakhipha amangwevu ezicula.
Yize bephume ohlelweni sebehleka futhi baze bacula ngokuhlanganyela ingoma ethi Destiny, uTshedi uthe akasazimisele ukubuyela kwiMalaika ngoba ukwenze konke kwaze kwaba usephelelwa ngamandla ukulwa.
NoBongani uthe bazamile ukuxazulula le ngxabano, ngosizo loLindelani Mkhize noZakes Bantwini, kwanhlanga zimuka nomoya. Nakuba bekhumelane umlotha kodwa akucacanga ukuthi bayophinde bacule ndawonye yini.