AYAPHELA amathikithi omcimbi iGcwalisa Spring Picnic, ozoba ngoMgqibelo enkundleni yezemidlalo iKings Park, eThekwini.
Lokhu kuvezwe ngomunye wabahleli balo mcimbi uMthokozisi Zuma, ngaphansi kwenkampani iNdlamlenze Development Foundation njengoba ethe amathikithi eVIP, esephelile.
Ekhuluma neSolezwe, uthe abantu banethuba lokugcina lokuthenga amathikithi njengoba sebelindele umbiko ozobatshela ukuthi asephelile.
“Kukhona amathikithi ebesiwakhiphile sithi abantu abawathenge ngokuhlanganyela bewu-20, ngoR150. Ngakho-ke abaphuthume bawathenge ngoba ngoLwesine siyasivala leso sipesheli bese ebuyela kuR250, lilinye.
“Amathikithi kaR450 asekhona abantu basengawathola kodwa esizokugcizelela wukuthi uma esephelile amathikithi akukho lapho abantu bezowathola khona ngaphandle kwezindawo esizimemezele ukuthi atholakala kuzo manje,” kusho uMthokozisi.
Uthe konke sekumi ngomumo futhi bayanxusa ukuthi abantu bafike ngesikhathi njengoba amasango ezovulwa ekuseni ngo-10, bese umcimbi uqala ngo-12.
“Umculi wokuqala uzobe engena ngo-12 emini kulo mcimbi ngakho siyanxusa ukuthi abantu bafike ngesikhathi ukuze bangakhali ngathi uma sebefika umculi abamthandayo esenandisile.
“Izinhlelo zokuthutha nazo zimi ngomumo njengoba kunomasipala esikhuluma nabo ngoba abantu bethu (abanye babo) baswele kakhulu. Kuba wumuntu onethikithi ozogibela kodwa sicela basize abantu ngamabhasi. Kunomasipala asebeqhamukile ukuthi bangawakhipha amabhasi. Umuntu uyongena ngokuthi abe nethikithi lomcimbi, yilo elimgibelisa ibhasi,” kuchaza yena.
Abahleli balo mcimbi baphinde bamemezela abaphathi bomcimbi okukhona kubo uSomizi, Lerato Kganyago, Bheka Mchunu, Tshatha, Zimdollar, Mdonso noZulu Glamour.
Kubaculi abazonandisa kubalwa uKhuzani, DJ Tira, Dumakahle, AKA, Mzukulu, Cassper Nyovest, Dumi Mkokstad, Cevuzile nabanye.