INYANGA yabantu abasha ngenye yezinyanga ezibalulekile onyakeni njengoba kusuke kuthe chithi saka izinhlelo ezahlukene zokucobelelana ngolwazi ngemikhakha eyahlukene. Ezokungcebeleka ngomunye womkhakha okhonzwe kakhulu yintsha yize ziningi izingqinamba ezihambisana nawo. Abanye bosaziwayo abangena bebancane kwezokungcebeleka bagubha iminyaka nokwenze babheka emuva lapho besuka khona.
Omunye wabo umlingisi uZikhona Sodlaka oseneminyaka ewu-18 elingisa izindawo ezahlukene. Uveze ukuthi lokhu bekuhambisana nemizwa eyahlukene njengoba bekuba nezikhathi zokuhleka, ulaka, ukukhala, ukhwantalala, injabulo nokuningi okuphathelene nalo msebenzi.
"Ngibonga angiphezi kubona bonke abangesekayo ngokubukela isiqephu esithile, ukuthenga amathikithi okubukela amafilimu nabangani abebelokhu benami kulolu hambo," kusho uZikhona.
Ngaphandle kwakhe nesiphalaphala sentokazi yezinhlelo zethelevishini ephinde ibe ngumlingisi uMinnie Dlamini naso siveze ukuthi sesiqede iminyaka engaphezulu kweshumi siyibambile.
"Namhlanje ngihlanganisa iminyaka ewu-13 ngiyibambile. Ngiyabonga kusukela ebuncaneni bami ngokungithwala, silwela amaphupho ethu. Ngizoqhubeka nokukwenza uziqhenye eminye iminyaka, "kuloba uMinnie.
Ngaphande kwabo bakhona nabanye bosaziwayo abaningi abangena bebancane kwezokungcebeleka kodwa balokhu bedlondobale njalo kulo mkhakha.